Izindaba

ISantaco iziqhelelanisa nosomatekisi abehlisa abagibeli ezimotweni 

I-South African National Taxi Association Council (Santaco) isiziqhelelanise nosomatekisi abehlisa abantu ezimotweni ezincane.

Iveze ukuthi kawukho umgomo obekiwe onjalo, yexwayisa nabantu ukungabhebhethekisi izinkulumo ezingelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana.

Muva nje kuthiwa abashayeli abane bamatekisi bamise umndeni obuhamba ndawonye emotweni babehlisa ngoba bethi kakumele babe ngaphezulu kwababili emotweni.

Kuthiwa lo mndeni awupholisanga maseko wafonela abakwa tracker uzitshela ukuthi ubanjwa inkunzi.

Abakwa tracker bababophile labo labashayeli.

UMnuz Sfiso Shangase, wehhovisini likaSantaco KwaZulu-Natal uthe kwiLanga yize beke bazizwa izinkulumo ezinjengalezo, kodwa osuke enza lokho usuke ephula umthetho.

Uveze ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngesithuthi asikhethile.

“Into esilwisana nayo ukuthi umuntu athenge imoto agibeze abantu ngoba efuna ukwenza inzuzo”

“Kasivumelani nokuthi umuntu akhokhise abantu emotweni ngoba kusuke sekusho ukuthi idinga amaphepha okusebenza uma enza lokho, njengoba nathi embobini sinawo”.

“Akukho emthethweni ukuthi umuntu uma egibeze umndeni wakhe emotweni, sekumele wehliswe ngoba nathi sisembonini siyayigibeza imindeni yethu ezimotweni zethu,” usho kanje.

Uthi yize engeke aphike noma avume ukuthi embonini bakhona abenza lokho, kodwa akuvumelekile.

“Njengoba sibheke okhethweni lobuholi obusha, ziningi izinto ezingelona iqiniso ezivele zisabalale”

“Uma kukhona abazithola bebhekana nale nkinga, siyacela ukuba baye ehhovisi lalowo soseshini, babike khona. Uma bengasizakali, sicela ukuba badlulele ehhovisi lesifunda”

“Kodwa-ke uma nalapho bengalutholi usizo, sebengadlulela ehhovisi likaSantaco esifundazweni ukuze udaba luzolandelelwa”

“Wonke umuntu unelungelo lokuthenga imoto ezomyisa lapho efuna ukuya khona, inqobo uma engeke akhokhise abantu ngoba uyobe esephula umthetho,” ephetha.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button