
Baphindiselwa emazweni asemakubo abadayisa ngesinene
Philasande Luthuli
Amaphoyisa agasele endaweni yabandla izambane likapondo eThekwini, eMhlanga, azithela kwabesifazane abahlanu abakuleli ngokungemthetho.
Behlatshwa ngemibuzo kuvele ukuthi ngabase Thailand nase Korea kodwa amaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba kuleli dololo.
Laba besifazane babhadanywe endaweni abayichaze ngokuthi yenza umsebenzi wokuwotwawotwa (massage parlour).
Owesilisa otholwe kule ndlu ubenkwankwaza ku-etv uma ebuzwa ukuthi yena uyini phakathi kwemenenja, umphathi wendawo noma umeluleki.
Ugcine ngokuzihlangula ngokuthi yena ungumaluleki nje kwaphela.
Phakathi kwezinye zezinto ezinyuse izinhlozi ukutholakala kwamacondoms, amathuluzi okubhema icocaine nokunye okuningi okukhomba izenzo zokungcola.
Lo mkhankaso oqondiswe ezindaweni zabadla izambane likapondo ubuholwa iMetro Police Special Operations Directorate, SAPS Counter Narcotics Unit nalabo abebhekene nokuphuma nokungena kwabantu kuleli.
Uphenyo luyaqhubeka ukuthola ukuthi akukho chashazi abasolwa elibahlanganisa nokushushumbiswa kwabantu.
Kunokukhula ngamawala kwezindawo okudayiswa kuzo umzimba ezindaweni zomtakabani.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



