IzindabaRadio

Uhambe esebhodlile uNjinji kumsakazi woKhozi FM  

Sane Mseleku

Umsakazi woKhozi FM uLucky Nkosi ubhodle ngobudlelwano bakhe nomufi uMandla “Njinji” Magwaza enkonzweni yesikhumbuzo ngoLwesine ezindlini zokusakaza eSABC eThekwini.

Udalule nokuthi wayengajwayelene naye ngokungako besasebenza emsakazweni, kodwa ngezinsuku zokugcina, bagcine sebenobudlelwano obukhulu.

“NgoDecember kwafika ukuthi angimfonele uNjinji, wabe esecela sibonane, ngifike kubo. Nebala ngaya, ngathola ithuba lokwazi umndeni wakhe.

“Ngifikile kubo wathi ucela sihlambulukelane, saphumela ngaphandle sahlala everanda. Wakhuluma zonke izinto ezazenzeka esasebenza layikhaya, ayesola mina ukuthi ngizenzile nami engangicabanga ukuthi uyabandakanya kuzona.

“Wabe esethi abantu abadala bathi asiyilungise lento, ngenhlanhla ngasho ukuthi bengingazi lutho olubi. Okushoyo wena kwenzeka kanje nakanje, wabe esethi sengikhululekile.

“Wacela singene endumbeni, efuna ukwazisa abadala ukuthi sesilungisile. Ngempela sangena wabe esesho ukuthi konke ebeninakho ngaye sesikulungisile, kusukela manje sekumfowethu lo.

“Wagcina engiphoqa ukuthi ngiye naye eJozini, ngangingazi ukuthi unenkani kangaka uNjinji. Wathi phela usuwumfwethu, ngathi ngithi, wathi usukuphi? Ngagcina ngihambile.

“Ngawubona umndeni wakhe, sahlala sase siyabuya. Kwabe ukuqala kwethu ukujwayelana. Ngithe uma ngizwa ukuthi uNjinji uhambile, isizathu sokuthi ngiyobona Kubo nesizathu sokuthi sikhulume, akukho engingakwazi adlule kukona uNjinji.

“Ayikho into eyafica uNjinji engingayazi, akukho okwamthinta engaphakathi engingakwazi, wakhuluma konke, njengomuntu obhodlayo.

“Ngamtshela ukuthi kwesinye isikhathi abantu bayakukhipha emsebenzini kanti bakuphushela ezintweni ezingcono. Ngathi akagxile ezintweni ezithuthukisa impilo yakhe, eziya phambili,” kusho uNkosi.

Uzongcwatshwa, eNanda lo msakazi odlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi esifushane.

Izindaba zokudlula kwakhe zishaqise abaningi njengoba abangani nalabo abebesondelene naye bekhale ngokuthi kubazumile, bebengazi nokuthi uxinekile.

Uzofihlwa ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezobanjelwa esikoleni samabanga aphansi iTshanyana, eNanda kusukela ngehora leshumi ekuseni.

Kulindeleke ukuba le nkonzo ihanjelwe ngabebesondelene nalo msakazi okubalwa ozakwabo ake asebenza nabo oKhozini,

UNjinji ushiye ngonyaka owedlule oKhozini ngemuva kokubhekana nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe lwangaphakathi.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button