Ezokungcebeleka

UGlen Lewis ubhodla ngokungcofwa uSkhumba ngesici esisebusweni

Bahle Mkhize

UMSAKAZI ongaconsi phansi uGlen Lewis ojoyine iKaya FM ngoMsombuluko uvule isifuba wakhuluma ngokungcofwa uSkhumba ngesici anaso.

ULewis ubekhumbuzisa uSkhumba ukuthi wayehlekisa kanjani ngesici sakhe okuyinsumpa esebusweni kodwa namhlanje sebesebenza ndawonye kwiDrive 595.

“Ungangingcofa namhlanje uthole ukuthi eminyakeni emibili noma emithathu ezayo sisebenza ndawonye. Kulabo abakade balalela iKaya 595 bayazi ukuthi bekukhona umakadebona uBob Mabena esebenza ekuseni noSkhumba. Ngathola ucingo luqhamuka kumngani engazisa ukuthi kunomuntu ongingcofayo nohlekisa nangensumpa esebusweni kimina, ngabuza ukuthi ubani wathi uSkhumba ngabheka impela kwiYouTube,” kulandisa uGlen.

ULewis ubekhumbuzisa uSkhumba ukuthi wayehlekisa kanjani ngesici 📸:Kaya FM

Eqhuba nenkulumo yakhe uGlen uthi ngelinye ilanga esenxaxhatheleni yezitolo Sunninghill eyokhipha imali emshinini wazithela kuye uSkhumba. UGlen uthi akazi nokuthi wanyamalala waphelela kuphi kodwa wayengasekho phambi kwakhe.

USkhumba ungenelelile efakazela uGlen ukuthi impela washo konke okubi ngaye ngensumpa yakhe futhi kuhleka wonke umuntu ohlelweni.

“Ngangenza amahlaya ngensumpa kaGlen uKuli Roberts ahleke aze aqhephuke. Emuva kwamasonto amathathu ngiya kwi-ATM nangu uGlen ufake ivesti umi emuva kwami. Ngazitshela ukuthi uGlen uze kwi-ATM noma kimina. Ngashiya phansi konke, kwathi nalento engangiyoyithenga ngayishiya ngakhohlwa iyona. Ngaphuma ngaphela enxanxatheleni yezitolo,” kulandisa uSkhumba egigitheka.

Uthi okuthusayo wukuthi ezinyangeni eziyisithupha ezilandelayo kwakumele ayokhuluma emsakazweni kwaqondana naye futhi gqo uLewis kodwa wamamukela ngezandla ezimhlophe

ULewis wengeze ngelithi okubalulekile ukuthi ungahambi ugcwanekela bonke abantu ngoba siphila emhlabeni omncane.

“Okubalulekile empilweni ukungahambi ugcwaneka bonke abantu, Skhumba wafunda isifundo esihle. Ngithemba ukuthi nawe Kgomotso wafunda lukhulu,” kugoqa uLewis.

UKgomotso uzihlangulile wathi yena wayezihlekela amahlaya nje.

 

 

Related Articles

Back to top button