Umlingisi obesephila ngoR350 nenselelo entsha
UNYELWE inyoni esandleni umlingisi uCarlo Radebe, obesephenduke umntshingo ubethwa ubani engenandawo yokuhlala ephila ngoR350 wesibonenelo sikahulumeni.
Lo mlingisi uzakhele ugazi kwiBackstage (Duke), Generations (Mvuyane), A Place Called Home, neminye imidlalo. Kumanje kulindeleke ukuthi aqale umsebenzi awunikwe iDuma Ndlovu Academy ukuyocathulisa abalingisi.
UCarlo ungene ezinkundleni zokuxhumana wabonga umngani wakhe uMauritz Neethling okunguye owahlaba umkhosi emcelela usizo. Uqhube wathi ubehlezi ethandazela ukusebenza nokwenza kahle emehlweni abantu.
“Ngibonga bonke abantu abazihluphile ngami ngisho ezinkundleni zokuxhumana befuna ukungisiza. Ngifisa sengathi nasezimpilweni zabo konke kungahamba kahle baphumelele. Konke kuzolunga ngomusa kaNkulunkulu,” kusho uCarlo.
UMauritz wanekela izwe ukuthi iCovid 19 imlimaze kakhulu kangakanani umngani wakhe, ngangoba waxoshwa nasendaweni yakhe yokuhlala njengoba ubekhosele endaweni encane engumjondolo ngaphandle kwedolobha laseGoli esethembele kuR350.
“Ngicela kunina nonke eninezinhliziyo ezinhle ukuthi nisize umngani, noma ubani ongakwazi ukusiza. Njengamanje udwanguza ebumnyameni futhi uselahlekelwe ithemba. UCarlo Radebe waziwa njengomlingisi, udinga usizo ngendlela eyisimanga,” wabhala kanje uMauritz. I
IPurpose yabika ngalolu daba lusasuka phansi.
UNdlovu uyaziwa ngamagalelo wakhe ekukhiqizeni imidlalo ethandwayo kuleli okubalwa iMuvhango neGenerations.