Izindaba

Owaduma ngoVan Damme ezinsolweni zokugqema intombi ngensimbi

Liyah Singela

UPHUMA namhlanje esibhedlela uNosipho Mhlongo (35) ongene elimele kanzima kulandela izinsolo zokugqenywa umculi kaMaskandi uMroza Fakude asemjolweni naye.

UMroza uzakhele udumo waze wahlukanisa unyaka oKhozini FM ngengoma eyayithandwa uwonkewonke esihloko sithi Elamanqamu neyaduma ngoVan Damme.

Ekhuluma nePurpose uNosipho esibhedlela uthe: “Ngiyaphuma esibhedlela namhlanje, kusukela kuthangi ngila usalokhu eqhubeka efona engithuka ungisendela namaVoice Notes (VN) uMroza ungisho ngawo wonke amagama lawa,” kukha phezulu uNosipho ngaphambi kokuthi anqamuke.

Izindaba zokushaywa kanzima kwaNosipho odabuka eHluhluwe, kwaMduku, zisabalale okomlilo wequbula.
Uthi ucela usizo nobulungiswa ngoba umlimaze wamushiya nengozi ekhanda.

Ucashunwe kwiGezani Media News ethi bebesebudlelwaneni noMroza emuboleka izimoto zakhe, waqala moto ngePolo owayishayisa wangayikhanda. Waphinde wathatha imoto ewuhlobo lweVerso nemali engu R5000 bengavumelananga.

Elandisa uthi ube esemfonela emtshela ukuthi akabuyise imoto yakhe kodwa uMroza wala waphetha. Wamthuka wamtshela ukuthi unentombi yakhe lapha ekhona.

UNosipho ube esefonela abakwa (tracker) ukuba bambhekele imoto yakhe. Ube esaziswa ukuthi iseTsakane wanikela khona ngenhloso yokuyilanda. Uthi yilapho ke uMroza amthuke khona wambiza ngesif#$& wamgqema ngensimbi ekhanda wamphisela nomlenze waphuka. Ube eseshaya nemoto ebibangwa. Uthi uNosipho ugcine evuka esibhedlela ngenxa yokulimala.

Sekuputshuke inkulumo eqoshwe efonini lapho uMroza exolisa kuNosipho.

“Sthandwa sami ubuye ungatholakali efonini. Ngiyaxolisa kwengikwenzile, uxolo dali, uyazi ukuze ngibe la ngikhona uwena ongisizayo nozamayo. UNosipho uthi akaxoli njengoba elimele engasakwazi nokuhamba ekubeni wondla izingane. Uthi ufuna aboshwe uMroza.

Related Articles

Back to top button