UDJ Fresh uyabheja ngomjolo, uthi uyofela khona
Liyah Mseleku
ISILOMO somsakazi owaxoshwa kuMetro FM u-DJ Fresh useveze ukuthi akaze awuyeke umjolo yize ayesedivose nomkakhe uThabiso Sekwane.
Lezi zilomo ezidume ngokusebenza emsakazweni emikhulu eyehlukene ezweni zamemezela ukuthi seliyagqabuka igoda ngoFebhuwari 2022 ngemuva kweminyaka engu-20 beshadile.
Ekhuluma ohlelweni lwasekuseni kuRadio 2000 u-DJ Fresh uveze ukuthi selokhu aqala ukuthandana nomuntu wesifazane eneminyaka engu-14 esafunda isikole akakaze awuyeke umjolo futhi uhlezi enaye umuntu.
Uthe yize bese behlukanisile noThabiso kodwa bebehlala endlini eyodwa nakuba bengambathi ngubo yinye.
“Ngize ngaqala ukuphuma endlini ngonyaka odlule. Into engayenza ukuthi ngihlale phansi nezingane zethu ezintathu ngizichazele ukuthi mina nonina wazo sizohlukana. Ngaba indoda ngawavuma amaphutha ami ukuze ngishiye wonke umuntu engakhali ngalutho. Sibambisene kamnandi ekukhuliseni izingane zethu futhi nazo zibukeka zisiqonda isimo sethu,” kusho uFresh emsakazweni.
Emjolweni useke wakhonjwa kwisingqazu somlingisi uMapaseka Koetle odlala indawo kaDintle kuScandal ekhonjiswa maphakathi nesonto ku-etv. Nokho wazichitha lezo zinsolo.
UDJ Fresh wake waba sematheni ngesikhathi exoshwa iMetro FM ngenxa yokutholakala ukuthi wasebenzisa ulimi oluqosheme ngo-2019.
Ukuxoshwa kwakhe kwalimaza isibalo sabalaleli njengoba uhlelo lwakhe lwasekuseni lwalwenza kahle.
Usuke lapho wajoyina umsakazo i-947 kodwa ngemuva kweminyaka emibili ekhona yena no-DJ Euphonik, ogama lakhe langempela uThemba Nkosi, bakhishwa ngomnyango.
Lokhu kwalandela izinsolo ezibucayi ezabekwa owesifazane.
UDJ Fresh uzakhele igama ngesikhathi ethathwa isiteshi sentsha saseGoli i-YFM lapho afika waqhulula izingoma zeHouse.
Lo DJ ogama lakhe langempela uThato Sikwane ongowoukudabuka eBotswana kodwa useyisakhamuzi eNingizimu Africa.
Akapheli moya njengoba namanje esawenza amanye amacompilations eHouse.