Ezezimoto

Ubutsetse beCR-V bumelana nazo zonke izimo zasemgaqweni 

Sihle Mkhize

SEBEKUPHINDILE futhi lokho kwaHonda ngokwethula umdobi wabantu iCR-V osekungeyesizukulwane sesithupha selokhu yaqala ukwethulwa.

Akuyona imoto ongayibekela umkhawulo ngoba iyakwazi ukumelana nezimoto ezihlukene kusuka ekuyisebenziseni nsukuzonke njengemoto yomsebenzi, ukuzikhipha ngezimpelasonto iphinde ikwazi ukumumatha umthwalo.

Ngaphandle nangaphakathi bayishintshile kodwa injini yayo engu-1.5 litre kuseyiyona.

Okwehlukile nje ukuthi bathe ukuyiphonononga sakuyinika amandla.

Kusuka ngaphandle kuya ngaphakathi ithule du, umsindo ovamise ukuzwakala ezimotweni uma zihubuluza emigwaqeni evulekile uwuzwa ngendaba kuCR-V, izihlalo zayo zikubiza ukude.

Ngokusho kwabakwaHonda indlela ehlanganiswe ngayo ngaphakathi ithathelwe kuleyo etholakala kwiCivic eyafika ngo-2022.

Izihlalo zakhona zangaphambili eziyiBody Stabilizing Seats zilekelela kakhulu umshayeli ekunciphiseni izinga lokukhathala uma eseshayele isikhathi eside.

Abagcinanga nje ngokuyenza ibukeke kodwa bayibeke ezingeni nangobuchwepheshe besimanje obuhlanganisa iscreen esingu-9 inch esihambisana necharge yeselula.

Injini yakhona engu-1.5 litre ikhiqiza amandla angu-140kW iTorque engu-240Nm esebenzisa uphethroli.

Ugearbox uyicontinuously variable transmission (CVT) kuturbo.

Kwezokuphepha iCR-V iphuma nezinto ezingumgomo njengamasensa angaphambili nekhamera neradar system, Ngaphambili iphuma nama-airbag kanye naleyo evikela abahleli ngaphambili kwesingezansi iknee airbag.

Umzimba wale moto uhlanganiswe nge-Advanced Compatibility Engineering (ACE) evikela amaphasenja uma ishayisa mahlanze.

Isitholakala ngemibala ehlukene kusuka kuPlatinum White Pearl, Lunar silver Metallic, Meteoroid Grey Metallic, Crystal Black Pearl, Coffee Cherry Red Metallic, Brilliant Sporty Blue Metallic

OKUGQQMILE NGAPHANDLE:

Izibuko ezithe chwa ezicabheni ezenza umshayeli akwazi ukubona kalula phambili

Ubude ingu-115 mm longer, ukuvuleka kwayo kungu-10 mm

Ngaphambili igrille igolozile bese iphuma namalambu eLED

Amasondo angu-19 inch kuhlobo lwe-Exclusive Grade, i-18-inch ku-Executive

IWARRANTY

Iphuma neService Plan yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-90,000 km.

IWarranty kuba iminyaka emihlanu okanye ibanga esilihambile lika 200 000km, uhlelo lweRoadside Assistance lweminyaka emithathu.

IService yenziwa njalo emuva kokuhamba amakhilomitha angu-10 000 okuba yisikhathi esingunyaka.

INTENGO:

1.5T Exclusive FWD R1 039 900

1.5T Executive FWD R 959 900

Related Articles

Back to top button