Izindaba

Umunyu ugogo eshaywa umzukulu kwachitheka nophuthu 

Aphe Gcwabe

“UNDIBULALELA ntoni, undibulalela ntoni Luvo emzini wami. Ndibethe undibulale njengoba uthunyiwe ukuthi uzondibulala endlini yami”

Yiwo amagama akhishwa isalukazi avusa umunyu eshaywa ibhobhodlwane ngezimpama ekhishini kwachitheka nophuthu ebhodweni.

Kwivideo iPurpose ezibonele yona ngo “see” kubonakala lo mfana ebhekene ngeziqu zamehlo nesalukazi ekhishini. Kube imizuzwana wase esishaya ngezimpama ezimbili safumbeke phansi.

Kwenzeka lokhu nje umgilwa uphethe ibhodwe elinophuthu olugcine lusaphazeke ikhishi lonke.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uqinisekise ukuthi amaphoyisa aseWestern Cape abophe umsolwa.

UBrig Mathe uthe umsolwa uthungathwe watholwa eWallecedene, eKraaifontein, ngoLwesithathu ebusuku.

Uthe kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi eBlue Downs ngecala lokushaya.

Le video, ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, ivuse umunyu, usizi nolaka kubantu.

USomizi Mhlongo ucele ukufuniswa umgilwa ukuze azame ukumsiza noma ngabe iyiphi indlela.

Siphiwe Dlamini ephawula ezinkundleni zokuxhumana uthe: “Ngiyajabula ukuthi lomfana ugcine eboshiwe. Ngoyazibuza ukuthi ngazi bangaki abantu abadala abahlukunyezwa abazukulu babo. Lafa elihle kakhulu egameni lamalungelo,” usho kanje.

UBethuel Msimango uthe kuthi akazishaye phansi uma ebona umuntu obgesenamandla eshaywa umfana amkhulisile ngothando. Lo mfana bekumele elethwe kithina madoda bese kuthi abantu bomthetho bangayingeni.

UMarumo uveze ukuthi naye ekhaya kubo kunomfowabo oziphatha kanje usezame nezincwadi zezivimbelonzamaphoyisa kodwa kuyefana. Uthi akukho ukuthula ekhaya kubo.

 

 

Related Articles

Back to top button