Ifu elimnyama kubalingisi beMuvhango
Kwande kaZikiza
KUFANELE ukuthi kube yizindaba ezimbi kubabukeli bomdlalo wesiVenda uMuvhango njengoba sekuphelile ngawo.
Bese kuphele iminyaka engu-27 lo mdlalo ukhonjiswa ku-SABC 1 maphakathi nezinsuku.
Umthombo uthe: “Umunwe kumele ubhekiswe kumsunguli walo mdlalo uDuma kaNdlovu okhombise ukuthi akasenayo intshisekelo yokuba ingxenye yawo. I-SABC imtshele kaningi ukuthi ashintshe ukwenza ngoba kunezikhalo ngezinto eziningi.”
Kuthiwa uNdlovu usegxile kweminye yemidlalo yakhe iSibongile & The Dlaminis okhonjiswa kuMzansi Wethu Umkhokha: The Curse noModjadji: The Rain Queen odlala kuMzansi Magic.
Njengoba sekuphuma uMuvhango kuthiwa i-SABC ihlela ukufaka umdlalo wesiTsonga iGiyani esikhaleni. Lo mdlalo usukhiqize inqwaba yabalingisi asebezakhele igama endimeni yezikaqedisizungu.
Lapha kubalwa uDingaan Khumalo, odlala indawo kaJames Motsamai, Gabriel Temudzani (Chief Azwindini Mukhwevo), Seneo Mabengo (Khumo Motsamai), Maumela Mahuwa (Susan Mukwevho), David Sebe (Vho-Gizara Mukwevho, Regina Nasengani (Vho-Masindi Mukwevho ), Fanele Cebekhulu (Gugu Nkosi – Zikalala), Nat Ramabulana (Tendamudzimu “Tenda” Mudau), Inocentia MaNchidi (Rendani Mukwevho), Eunice Mabeta (Vho-Makhadzi Mukwevho) nabanye.
Kuputshuka lezi zindaba bezilokhu zingena zingapheli ezithi abalingisi balo mdlalo bahleli ngesinqe esisodwa.
Kwathiwa badunguza ebumnyameni njengoba i-SABC ingaphumeli obala ngokuthi izoyelula yini inkontileka yokusebenzisana nabakhiqizi bomdlalo iWord of Mouth Productions.
Abalingisi bekumele banikwe izinkontileka ezintsha ekupheleni kukaMashi kodwa lokho akwenzekanga.
Imithombo ehlukene iveze ukuthi okukhalisa i-SABC ukwehla kwezinga lababhali.