Siveza okuqhathe uRulani Mokwena nokuxoshwa kwiSundowns
KUSOLWA ingxabano phakathi kwaRulani Mokwena nomqondisi wabaqeqeshi uFlemming Berg eholele ekuhlukaneni kwenhloko nesxhanti.
Nokho sekuwumlando ukuthi uMokwena ubengumqeqeshi weMamelodi Sundowns kwazise ngoLwesithathu ntambama kukhiswe isitatimende esiqinisekise lezi zindaba.
Iqembu lizwakalise ukubonga amagalelo kaMokwena, obambe elikhulu iqhaza empumelelweni yalo ngesikhathi engumqeqeshi.
URulani Mokwena, uthathe izintambo zokuqeqesha kuPitso Mosimane eminyakeni embalwa edlule, uhole iSundowns ngempumelelo.
“URulani Mokwena uzohlala njalo eyingxenye yomndeni weMamelodi Sundowns,” kusho leli qembu esitatimendeni.
Kugcwele kwabezindaba ukuthi kube yingxabano abe nayo nomqondisi uFlemming Berg okuqhathe uMokwena nokuxoshwa.
Kodwa leli qembu likuchithile lokhu, yize lingazange lisaziveza izizathu okuyizo eziholele ekutheni akhinjwe indlela.
“Iqembu limfisela konke okuhle ngekusasa lakhe… Isinqumo seMamelodi Sundowns sithathwe yibhodi ngokubhekelela izinjongo nokulindelwe yikilabhu.
“Lesi sinqumo asizange sisekelwe ezincomweni zanoma yimuphi umuntu ohlangene neqembu.
“ISundowns izimisele ngokujulile ekuthuthukiseni nasekukhuliseni abaqeqeshi nabadlali baseNingizimu Afrika.”
UManqoba Mngqithi obesethimbeni labaqeqeshi kuleli qembu nguyena ozobe eseqhubeka nomsebenzi.
“Umqeqeshi uManqoba Mngqithi nethimba lbaqeqeshi bazoqhubeka nokuhola nokulawula ukulungiselelwa kwesizinie zayo,” kubhalwe kanje.