
Kubhekwe lukhulu kuDJ ogqugquzelwa unina
UFAKWE ugqozi unina uDJ osafufusa onekhono lokukhiqiza ama-beat uZolani Mzimela, oneminyaka engu-21, onamakhono ahlukene.
Uma engekho matasa ezindaweni zokuzijabulisa lo DJ usuke ematasa nezifundo ze-IT in Software Engineering nokuyinto athi uyizwa ngaphakathi.
Uthi unina ubevamise ukudlala ama mixtapes oDJ uSoul Candi, DJ Sbu, Euphonik and DJ Fresh mixtapes nokuyilapho kutshaleke khona uthando lokudlala lomculo.
“Ukulalela lo mculo obudlalwa umama kwenza ngelinye ilanga ngaba nesibindi sokuthi ngiwazame nami ama mix tapes ngisebenzisa imouse nekeyboard. Lama mixtapes bengiwasabalalisa emacampus nokuyilapho abantu bebewathokozela,” usho kanje.
Ejeqeza emuva ngohambo lwakhe uZolani ozalwa eMngungundlovu, uthi ukhumbula ngesikhathi encenga abangani bakhe ukuze bamxhumise ispeaker uma kunemicimbi.
“Izinto zaqala ukushintsha ngesikhathi sengihlangana nomunye uDJ owayevamise ukudlala eLime Rooftop. Ilapho ngabona ukuthi nami ngingayenza lento,” kulandisa uZolani.
Uqhube wathi umculo ubeyingxenye empilweni yakhe esemncane ebuka kuthelevishini abaculi abadumile njengo-Eminem, Rihanna noKanye West.
Uthe indlela ashesha ngakhona ukubamba into entsha ukubone ngesikhathi efunda ukuxebula isigingci esafunda uGrade 8.
UZolani oyinkosana kwabo uveze nokuthi okunye okumsizile ukubukela iseries yeGenius ebizwa ngokuthi iDeconstructed.
“Kulolu hlelo ngafunda kabanzi ukuthi oproducer bazihlanganisa kanjani izingoma ezigcina sezithandwa kakhulu.
Kusukela lapho ngaqala ngazungeza izindawo ngidlala noFruity Loops nokwenze ngafunda olunye ulwazi ngomculo,” kusaqhuba uZolani.
Uvale ngokuthi baningi abantu abukela kubona wabala uKanye West, MDU aka TRP, Kelvin Momo, Bongza and C-Blak. Ko-DJ labo athi ubukela kubona oDJ Stokie, DJ Fresh, MDU aka TRP no-Oscar Mbo.