Ezokungcebeleka

Ungene ngePiano uNgqongqoshe uKhawula kwethulwa iDundee July

Sihle Mkhize

UNGENE ngengoma yamaPiano esihloko sithi Tshwala Bami estage, uNgqongqoshe weSport, Art and Culture, uMuntomuhle Khawula eyokwethula izinhlelo zeDundee July Horse Racing yalo nyaka.

Ubegqoke isudu emnyama nehembe elimhloshana nontanjana onemibala ekuhlazana.

Bekwala khona ukuthi amadolo awavumi kodwa inhliziyo iyathanda eswphunduke umajaivane.

UKhawula uthe kuzoqalwa ngomhla ka-19 lapho kuzobe kunemiviliyelo kuphinde kuviliyelwe ngengqephu ezetaladini zaseNdumeni. Ingqikithi isefana. Ithi i-African Jewel esazoqhubeka eminye iminyaka emithathu.

“Abantu abagqoke ngokuzimisela, bakhiphe ubhozo ngoba kunezindodla zemiklomelo. Bazokwazi ukuphinde bakhiphe abathandiwe babo,” usho kanje.

UNgqongqoshe uphinde waveza ukuthi iDundee July ayikho embangweni neDurban July, kunalokho ucu oluhamba ngabubili.

Usihlalo weTraditional Horses Racing and Breeding Association, uMnuz Menzi Buthelezi, ukhale ngoxhaso lwemali athe ufisa lwenyuke. Phakathi kwamahhashi athwele ngeqoma kubalwa uMbambayi, Zamcolo, Eliya, Amazondo, Barcelona namanye.

Ngonyaka odlule kwanqoba ihhashi elilagitshelwe uLindani Dube u-Alpha and Omega.

Lahamba nesamba semali engango-R300 000 umnikazi wathola uR30 000.

UButhelezi uthe ufisa yenyuke le mali, uveze nokuthi abagibeli bamahhashi sebehola nyanga zonke ngenxa yosizo lukasoseshini wabo.

“Imali esiyitholayo esikhwameni iTransformation Funds ayibhekwe ukuze kukhule isibalo sabantu abasebenzayo. Lo mjaho owesi-19. Sifisa ukuthi izinkundla zibe sesimweni esihle. OJockey abeniminyaka engaphansi kwa-12 sifisa ukubakhulisa kodwa ngaphandle kwemali ngeke kwenzeke. Sizimisele ukuqasha abantu ngokugcwele. Sifisa ukwandisa lomdlalo iKZN yonke,” kusho uButhelezi.

UNgqongqoshe uthembisa ukubuya ngesonto elizayo nezimpendulo nenkence isikhona ukuxhasa lo mcimbi oheha bonke abantu kuleli. Ngomhla ka-20 July umcimbi omkhulu uyaqala.

 

 

 

Related Articles

Back to top button