Ufike kwamanzi phansi umculi wase-USA emcimbini womsakazi weMetro FM
Kwande kaZikiza
UQWEQWE lomsakazi uWilson Bafana Nkosi ujabulise okwwngand encane ibona amaswidi ngesikhathi evakashelwa umculi waphesheya uChris Walker.
UNkosi ubehalaliselwa ukuqeda iminyaka engu-37 eyibambile emsakazweni njengoba bekunesiphihli sedili ebelihlelwe iMetro FM ne-T& S Platinum Concerts e-Emperors Palace eGoli ngempelasonto.
UWalker udume ngamanoni athi I Will Always Love You, Giving You All My Love, Someday, Someone to Love For Me athandwa kakhulu ilabo abakhonze umculo opholile.

Lo mculi wase-USA uthe ngesikhathi ezwa ngalo mcimbi uqome ukuyeka phansi konke wazoba yingxenye:
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi lo bhongoza we Love Movement kwiMetroFM oseyibambe iminyaka engu-37 yonke, uzobe ebungazwa, nami ngibone kungcono ngifike. Bengingafuni azi ukuthi ngizobe ngikhona njengoba bengifuna ukuqhamuka engalindele. Ngibizwe estage uSentle Lehoko ngizifihlile ebusweni futhi ngihambisa okwekhehla esiteji. Ngaleso sikhathi uWilson ubengaboni ukuthi imina lo obezombongela,” kusho uChris ejabulile.
UNkosi uhlulekile ukuzibamba wagxuma ngesikhathi ebona ukuthi uWalker lo obezifihlile. Izingoma zakhe zivamise ukudlalwa kakhulu kuMetro FM kanti umngani omkhulu kaNkosi u-Eddie Makhosonke Zondi osashona wayevamise ukuzidlala naye.
Ngesikhathi efike kuleli ukuzonandisa emcimbimini owawuseMgungundlovu, uWalker waqala washaya umthandazo, evalelisa kuZondi.
Bekusindwe ngobethole kulo mcimbi njengoba o-DJ bebedlala umculo opholile. Amaciko anandisile iMafikizolo, Sjava, DJ Tbose nabanye abaningi. Bekukhona nonkosikazi kaZondi uPhakamile. UNkosi wajoyina lo msakazo ngo-1986 eqashwa uKoos Radebe.
Awukho omunye umsakazo aseke waqashwa kuwo selokhu asuka kubo ePiet Retief eMpumalanga.
Uhlelo alenzayo iSounds and Stuff Like That lulalelwa kakhulu njalo ngamaSonto kusukela ngo 9 ekuseni kuya ku 12 emini.