UJomo uphawula ngokukhumelana umlotha kwaMosimane noMarawa
Kwande kaZikiza
KUBE yinjabulo kwabaningi ngesikhathi uPitso Mosimane noRobert Marawa bekhumelana umlotha.
Bekwaziwa ukuthi la madoda abengabhekani okuyinto ebisidonse cishe iminyaka eyishumi nangaphezulu.
UMosimane wayekholwa ukuthi uMarawa wayesebenzisa amandla akhe ohlelweni lwezemidlalo kuMetro FM ukuphusha i-SA Football Association ukuthi iqashe uGavin Hunt njengomqeqeshi weBafana Bafana.
UMosimane wayekholwa ukuthi njengoba ubeyisekela ku-Alberto Parreira nguye okwakumele aqashwe ngesikhathi lo mqeqeshi waseBrazil esehambile ngemuva kwe 2010 Fifa World Cup eyayidlalwa kuleli.
Kuthuse abaningi ngesikhathi uMosimane ezwakala ohlelweni lukaMarawa emsakazweni i-947 FM ngoLwesihlanu kubanjwe ingxoxo ende nethokozelwe abalaleli.
Inkakha yomqeqeshi uJomo Sono usincomile isenzo sala madoda sokuthi aphuze ndawonye itiye, kuxhawulwane kuqhubeke impilo.
UMarawa uveze ukuthi ngaphambi kohlelo bake babanga umhlangano kusasele amahora ambalwa.
Ephawula ngesinqumo sokuvuma isimemo uMosimane uthe: “Uyabona Robert maduze ngizobe ngiqeda iminyaka engu-60 ngidlala anhlavana manje angifuni uma ngizihlalele kwami ngibuyekeza indlela esengiyihambile kunobhutshuzwayo, ngibe ngisabambe amagqubu. Ngiyasincoma isenzo sakho sokuthi ungapheli umoya ungimememe sikhulume njengoba ekuqaleni bengivele ngokuzibe,”
UMosimane uzohlonishwa ngeHonorary Degree i-University of Johannesburg ngenyanga ezayo kanti uveze ukuthi leli gxathu limthobile kakhulu.
Lo mqeqeshi ubalwa nabanye abahamba phambili kwazise usenqobe izindebe eziningi. Usanda kuhlukana ne-Abha FC ahlulekile ukuyihlenga ezembeni Saudi Arabia.
Nokho amanye amaqembu njengeMamelodi Sundowns ne-Al Ahly yase-Egypt useke wawanqobela izindebe ezihlonishwayo njenge-CAF Champions League ne-Super Cup.