
Isililo kungqongqa ikhaya lomlingisi
UBONGA uNkulunkulu umlingisi weSkeem Saam u-Innocent Inno Sadiki okushe kwangqongqa yonke into kubo.
USadiki udalule lezi zindaba ngoMsombuluko ethi nakuba kushe kwangqongqa kubo kodwa amukho noyedwa olimele. Akakuvezanga ukuthi yini imbangela yomlilo.
Lo mlingisi udlala indawo kaSthoko Seakamela, uyindodakazi kaMaNtuli futhi uwuthisha eTurfloop High nokuyisikole esitholakala kuwona lomdlalo.
“Indawo ebesiyibiza ngekhaya ayisekho ishe yangqongqa namhlanje. UNkulunkulu wethu usayohlezi ewuNkulunkulu,” kubhala uSadiki ezinkundleni zokuxhumana.
USadiki ogcotshwe njengomfundisi uphinde waveza ukuthi ngaphambi kwesehlakalo ubonisiwe iklobe lomlilo ephusheni.
Usisi wakhe uyile ukuyobonela ngo “see” endawni yesigameko naye uthe babonga uNkulunkulu ngokuphuma benganamyocu.
“Kulungile baba noma izivunguvungu zingihlasele ngicela sikhulekele umndeni wakwaSadiki udlule kulesi simo obhekene naso,”
Ekuqaleni kwalo nyaka uSadiki uveze isonto lakhe elisegatsheni iThe Valley eMooikloof, ePitoli lavalwa ngoFebhuwari 25.
Ngalolu suku kwaba nenkonzo yokugcina eyabanjelwa kuleli bhilidi abekade belisebenzisa kusukela ngo-2023.
Kwenzela lokho emuva kokufika kwangqingetshe nomastende.
USodiki uveze ukuthi le nkonzo yayinkulu futhi yamthinta kakhulu emoyeni.