Ezezimoto

IKia Seltos engumafikizolo emakethe igila izimanga

Sihle Mkhize

IKia Seltos eneminyaka emihlanu nje kuphela eNingizimu Africa isizakhele ugazi emakethe nakubathengi.

Kule gemu afanelwe ukwethulelwa isigqoko amaKorea ngokukhipha umuntu wemoto othule du.

Yize sekuyimoto eyaziwayo kodwa kuningi okushintshile kulolu hlobo olusha.

Ushintsho olukhulu lugqame ngaphambili kobhampa, amalambu ohlobo lweLED asebewatone ngenye indlela yesimanje, nawangemuva amataillights kuze kuyoshaya kulightbar.

Lena ebivivinywa injini ingu 1.5 litre turbodiesel ekhiqiza amandla angu-85kw kanye netorque engu 250Nm.

Into eqaphelile kuSeltos edonsa ngodizili indlela eyonga ngayo. Emgwaqeni ovulekile icaphuna kusukela kumalitha angu-5.

Ngaphakathi iphuma nezinto eziningi njenge-Apple Carplay ne-Android Auto okumele uyixhume ikhebuli, kuphinde kube nekhamera yangemuva, i-USB ports ngaphambili nangemuva, i-airconditioner umsakazo odonsa ngezipikha ezingu-6. Ngemuva ivulekile.

Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala kwande isikhala.

Yize izihlalo zakhona ziyindwangu kodwa isiteringi sigqize ngesikhumba.

Ugrille wakhona ngaphambili uvulekile kanti lena yangaphambilini ubuqoqekile.

Ilishiyile igabade ngokuphakama ingu 190mm yase iphuma nezinsimbi okhakhayini amaroof rails asiza uma ilayishe impahla.

IKia Seltos ngokwezinga ithe thuthu kuneyakwabo iSonet esesigabeni sama crossover.

Le moto ikleliswe emkhakheni wezimoto zomndeni kodwa izinto ozithola kuyo ngaphakathi njengokuvuleka kuyenza kube yimoto ongayisebenzisela izinto eziningi.

Ubude bayo ingu 4 365 mm, ukululeka ingu-1 800 mm yase iphakama ngo-1 620 mm.

Okuzodonsa amehlo uma uzoyithi nhla ungajahile uhlobo lwamalambu eLED daytime running, amalambu enkungu amafog lamps, uhlobo lukagrille oseluhlelwe kabusha kanye namalambu angemuva agudla kutailgate aze ayogamanxa ezinhlangothini.

Intengo: R521 995

Injini : 1.5-litre, four-cylinder, turbodiesel, six-speed automatic

Amandla: 85 kW, 250 N.m

Ijubane eliphezulu: 175 km/h

Intengo yeKia Seltos ihambisana neminyaka emihlanu newarranty yamakhilomitha anganemkhawulo kanye neservice plan yeminyaka emihlanuo kanye ibanga lika-90 000km.

Contact KIA Durban 031 3328 585

Visit CNR KE Masinga and Florence Nzama Street durban

Follow us at Kia Durban

Related Articles

Back to top button