Kufezeke iphupho likaSirino ededelwa iSundowns nabathathu
IMamelodi Sundowns isiqinisekise ukuhamba komunye umdlali wayo wasesiswini obethandwa ngabalandeli, uGaston Sirino.
UGaston Sirino, odlala esiswini, usekhululekile ukujoyina noma iyiphi ikilabhu ayithandayo njengoba esekhululiwe eChloorkop.
NgoMsombuluko ntambama, iSundowns imemezele ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-33 uphakathi kwabadlali abane abashiya iqembu.
Abanye abahambayo kwiSundowns oBongani Zungu, uBrian Onyango noThabiso Kutumela.
UZungu kade akuveza ngokwakhe ukuthi uyashiya kuleli qembu njengoba inkontileka yakhe ingavuselelwanga nje.
UThabiso Kutumela ubekade ebolekilwe kwiCape Town City futhi kungenzeka abuyele kuyo ngokugcwele njengoba esengajoyina noma yiliphi iqembu mahhala.
“Siyabonga kubadlali bethu abahambayo,” kubhala iqembu esitatimendeni sabo.
“IYellow Nation iyabonga ngokuzikhandla kwenu nokusebenza ngokuzinikela kule minyaka edlule.”
Ukushiya kukaGaston Sirino kugqame kakhulu uma kubhekwa ukuthi phambilini iSundowns yanqaba ukumdedela ngesikhathi efunwa yi-Al Ahly.
Ngaleso sikhathi lezi zinkunzi zase-Afrika zazisaqeqeshwa uPitso Mosimane owayekade esuka kuyo iSundowns.
Noma kunjalo kodwa isipiliyoni sakhe nekhono lakhe lokuhlasela kufanele kwenze kube lula kuSirino ukuthola iqembu elisha kwiDStv Premiership.
Eminyakeni engu-33, uSirino uzakhele udumo ngekhono lakhe lokuhlasela nokushaya amagoli amqoka.
Namanje akukaziwa ukuthi uzoya kuphi, kodwa kuke kwaba nesikhathi lapho izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, zakhombisa ukumhalela lo mdlali wase-Uruguay.
Nokho iminyaka yakhe ingase iphazamise amaBhakabhaka, agxile ekwehliseni isilinganiso seminyaka esikwatini sawo kule sizini.
Njengoba uSirino esezovalelisa kuSundowns, abalandeli bazokubheka ngabomvu ukuthi umnyakazo wakhe olandelayo uzombekaphi.
Khonamanjalo, iSundowns ayikasho lutho ngoJunior Mendieta wase-Argentina okubikwa ukuthi ufuna ukushiya ayodlala eGreece.
Lisenethini