
Ukhala uyazithulisa owesifazane oqolwe isamba yisoka lokufika
Sane Mseleku
UKHALA uyazithulisa uJabu Nxumalo waseGoli owayenethemba lokuzitholela uthando ngesikhathi ejoyina iTinder ngonyaka odlule, okuyinkundla yokuthola uthando.
UJabu wazitholela uJoseph Ssekasi owamenza wazizwa esothandweni.
EKhuluma oKhozini FM ohlelweni lwasekuseni noMroza noSgqemeza uthe uma ekhumbula kahle ayikho into eyayisolisa ngoJoseph njengoba wayeziveza njengomuntu othembekile futhi onothando.
“Ngaleso sikhathi wayezibiza ngoDeron Mundari, ethi udabuka eSouth Sudan, Ngempela ayikho into eyayisolisa ngalo mlisa,” kusho uNxumalo.
“Wayebukeka njengomuntu olungile futhi othembekile. Zazingekho izinsolo zokuthi ngizoqoleka egameni lothando”.
Ezinyangeni ezine nje bazanile umlisa wanyamalala nesizumbulu saJabu uR510,000 wonke.
Wamnxenxa ukuthi akaboleke imali ebhange izobuya isiphindaphindiwe.
Uthi lento ihambisana nesalamuzi ngoba uma usuhlezi ucabanga uyabona ukuthi kudlaliwe ngawe.
Elandisa uJabu uthi wafakwa kwenye indlu okwakukhuluma kuyo izwi labantu “abadala” ebapha izibusiso othandweni lwabo.
Ngendlela ayenolimi ngakhona uJoseph uthi uJabu wamshaya ngemfe iphindiwe ethi umuzi oseBrakpan ngowakhe, kuze kube uyathola ukuthi wayeqashile.
Njengoba uthando lwabe lukhula, futhi esemnikile uJoseph imali yakhe engango R510,000, wathi uJoseph naye uzofaka isamba esingango R700,000 kanti usenga ezimithiyo.
Ngemumva kwezinsukwana uJoseph wazisa uNxumalo ukuthi uzohamba isikhashana eGoli aye eLimpopo ngokomsebenzi.
Ngesikhathi eseLimpopo mbumbulu izithandani zaqhubeka nokuxhumana, ngokocingo zithumelana nangomqhafazo.
Ngemuva nje kwezinsukwana uJabu wabona ukuthi imiyalezo yakhe ayisafiki kuJoseph, wayecabanga ukuthi inetwork enenkinga.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLieutenant Colonel Mavela Masondo utshele abakwa IOL ukuthi uma kuqhamuka ubufakazi obuveza ukuthi uphi umsolwa bazolivula kabusha idokodo.
UMasondo unxenxe umphakathi ukuthi wazise amaphoyisa uma embona umsolwa. Uthe uma bemthola umsolwa lizovulwa kabusha idokodo.
“Uma kukhona onolwazi lokuthi ukuphi umsolwa sicela athintane nesiteshi samaphoyisa esiseduze mayelana necala laJoseph, asize ngophenyo”.
UNxumalo uxwayise abesifazane, abesothandweni ukuthi baqaphele amaqola la ngaphandle eza ngothando.
“Okusolisayo ukuthi umathandana omusha abe nemibuzo futhi nothando lokwazi ukuthi usebenzaphi, wenzani. Bazobuza nje imbuzo engaphusile ukuthi umuzi wakho lo noma uqashile. Amaqola azokunika uthando olukhulu nesikhathi sabo sonke ukuze udobeke futhi ubathembe, ” kusho uNxumalo.