
Udivozelwa indlwabu obeshade nomlingisi
Bahle Mkhize
UMLINGISI ophinde abe ngumculi uDenise Zimba ufake amaphepha enkantolo enkulu yaseGoli ethi ngeke ahlale emshadweni lapho umyeni ephila ngoku “klinya inyoka”.
Uthi wambhadama egila lowomkhuba ematasa nengxoxo nomunye umuntu wesifazane amsola ukuthi ushendezana naye.
UDenise ushade ngo-2020 noJakob Schlichting odabuka eGermany babusiswa ngezingane ezimbili neseziphenduke ibhola lomnqakiswano.
Ubudlelwano babo sebumuncu okungangokuthi uDenise uveze namahlazo okuthi uJakob wathi ngeke angazijabulisi yedwana ngesandla sakhe.
Ngokombiko weSunday World uDenise ushaya phansi ngonyawo ukuthi ngeke izingane zakhe ziphinde eGermany.
Ukusho lokho ezeseka ngokuthi umndeni kaJakob awumthandisisi ngoba wawuhlale ubika izaba uma edinga usizo beseGermany ekubeni uhlala budebuduze.
“Phakathi kwezinto ezangibangela ingcindezi ngaphandle kokuthi uJakob uyisoka lamanyala wukuthi akangisizi ngalutho ezinganeni. Kwayimina akangibeki phambili ezintweni. Ngake ngamcela ukuthi akathengele umama ithikithi ukuze awele ayongisiza ngezingane kodwa wala. Wakwazi kodwa ukuyisa kadokotela ikati lakhe walikhokhela u900 euros,” kusho uDenise encwadini efungelwe.
UDenise utshele inkantolo ukuthi umyeni wakhe wathatha izingane ngokungemvumo kanti uJakob uzifuna ngodli eGermany izingane zakhe.
Lo mlingisi oke wathi xhinti kwiGeneration The Legacy uveze nokuthi uhlukumeze kakhulu ngokomoya.
“Useke wangitshela ukuthi ayikho indoda efuna umfazi osezele izingane ezimbili. Wangitshela nokuthi ngiyahlupheka ngeke ngikwazi ukuzenzela lutho ngoba angina twa,” kuqhuba uDenise encwadini efungelwe.
Kwelokubuyisela izingane eGermany uDenise ushaya phansi ngonyawo uthi ziyohlukumezeka ngokwenyama nangokomqondo.
“Amukho umuntu ozobheka izingane zami njengoba uJakob enamabhizinisi eGermany naseSouth Africa. Akangisizi ngalutho wanqaba ngisho ukuqasha umuntu ozosigadela izingane. Ngijabulile nabantwana ngokunjalo njengoba siseNingizimu Africa nabantwana,” usho kanje.
Emshadweni wabo omhlophe owawubukhazikhazi kwakunezimenywa okubalwa uCindy Nell, K Naomi, Lorna Maseko, Zola Nene, Sihle Ndaba and Takkies Dinwiddy.
KoweSintu kwakumenywe izicukuthwane okuhlanganisa uSihle Ndaba, Mantsoe Pout, Nolly Nolz and Thando Thabethe.