Ezokungcebeleka

Kubuya intandokazi yabaningi ezoshubisa uMuvhango 

Kwande kaZikiza

SIKHUZA ibuya isilomo somlingisi kuMuvhango uMcDonald Ndou, odlala indawo yomlingisi owohlupho uKhakhathi Mulaudzi odume ngelika-KK.

Kuvela ukuthi u-KK ubuyiselwa ukudlala yona le ndawo azakhele udumo ngayo kulo mdlalo wesiVenda okhonjiswa ku-SABC 2 nsuku zonke.

Kuthiwa useqalile ukushutha iziqephu ezimbalwa kanti abadidiyeli bomdlalo nozakwabo alingisa nabo bakujabulele ukubuyiswa kwakhe.

Bamchaza njengomuntu onamancoko nokwenza kube yintokozo ukusebenza naye.

Kwathusa kwaphinde kwadumaza abalandeli balo mdlalo ngesikhathi kuqinisekiswa izindaba zokuthi u-KK noSydney Ramakuwela, olingisa indawo kaMulalow Mukwevho bayahamba kuMuvhango.

Yize abasunguli bomdlalo iWord of Mouth Productions ingazidalulanga izizathu, kodwa kwaputshuka ukuthi babehanjiswa wukuthi kwakukhalwa ngemiholo emikhulu kwazise base behlale iminyaka eyishumi.

Kwathiwa izinkontileka zabo zizoshintshwa, zifane nezabalingisi abangabizwa njalo.

U-KK ukhuza ibuya nje, ayiphezi imibiko ethi i-SABC imanqika ukwelula inkontileka noMuvhango.

Eminyakeni emibili edlule kuvele ukuthi le nhlangano yase-Auckland Park eGoli ikhungethwe izinkinga zemali.

Lokhu bekuholela ekutheni abalingisi bahlale izinsuku bengaholile okwenza ngesinye isikhathi bakhetha ukuqhinga ezindlini zokushutha, bathi angeke balingise ingangeni imiholo yabo.

Related Articles

Back to top button