Ezemidlalo

Amaqembu amakhulu kuleli alibhekise phesheya ukuyokhokha amandla 

Kwande kaZikiza

IZINGQUNGQULU zamaqembu aseNingizimu Afrika zizonikela phesheya ukuyokhempa ngaphambi kokuqala koshikishiki lwesizini ye-Dstv Premiership ka-2024/25.

I-Orlando Pirates isikuqinisekile ukuthi izobuyela eSpain, iMamelodi Sundowns izolibhekisa e-Austria bese kuthi iKaizer Chiefs iyozilolonga eTurkey.

Kubukeka la maqembu asesike iphethini emaqenjini amakhulu ase-Europe avamise ukushiya amazwe awo ayongcweka namanye amaqembu.

Abanye bakushayele ihlombe okwenziwe iPirates, iSundowns neChiefs ukuthuthela phesheya kwazise isimo sezulu siyashisa futhi bazothola nokuzilolonga ezinkundleni zeqophelo eliphezulu.

Ohlangothini lwebhizinisi ukuvakashela phesheya kudala amaxhama okuxhumana phakathi kwamaqembu, uthole amanye esedayiselana ngabadlali.

Izithelo zokukhempa phesheya zibonakele kwiSundowns, eyakhempela eNetherland nePirates.

AmaSandawana abevutha engabaselwe nokufakazelwe ukuthi avikele isicoco seLigi ihlandla lesikhombisa abuya ahlabana nesicoco se-Africa Football League egixabezana netshe lemali.

IPirates yona yize yehlulekile ukuqeda ubungqwele beSundowns kodwa ithobe abalandeli bayo ngokuvikela iNedbank Cup ne-MTN 8.

ISundowns neChiefs abakayikhiphi iminingwane yamakhempu kodwa iPirates isiveze ukuthi izongcweka namaqembu amathathu.

Izoqala izwane amandla nePlymouth Argyle edlala ehlathini e-England neqeqeshwa inkakha yeManchester United uWayne Rooney ngo July 12.

lapho idudulane neSevilla ekuLa Liga eSpain ngomhla ka 15. EZimnyama zisonga ikhempu ngowobungani ne-Al Sadd SC yaseQatar ngomhla ka 19.

Related Articles

Back to top button