Izindaba

Udadewabo womdlali weKaizer Chiefs ugeqa amagula

ULuke Fleurs, obeneminyaka engu-24, wabulawa ngesonto eledlule ngesikhathi edunwa imoto egalaji likaphethiloli lakwaShell eConstantia Service Centre eRoodepoort, eGoli.

Manje udadewabo, uSydni nobeyintombi yakhe, usephumele obala ngobuhlungu ababuzwayo ngemuva kwalesi sehlakalo.

ULuke, okhulele eMitchells Plain, eCape Flats ngaphambi kokuthuthela eFish Hoek nomndeni wakhe, bebezalwa bebathathu kubo.

Bukungumfowabo omdala uJoshua, bese kuba nguyena elanywa uSyndi.

USydni ufake isithombe sikaLuke ehlezi kule moto eyiVW Golf 8 GTI kwi-Intsagram yakhe. Ube esesiphelezela ngombhalo okhomba umunyu.

‚ÄúNgiyayizonda le moto. Ngiyayizonda le mpilo. Ngizonda yonke into manje,‚ÄĚ ubhale kanje uSydni.

ULuke Fleurs kusolwa ukuthi wadutshulwa ababemduna imoto kulandela ukuqophisana nabo.

IGolf 8 GTI entsha idayisa u-R669 300 futhi ‚Äúingubhuti‚ÄĚ we-VW Polo okungenye yezimoto okubikwa ukuthi zintshontshwa kakhulu kuleli.

Lo mdlali webhola wadutshulwa ngomunye wabasolwa abane okusolakala ukuthi babemlandela ngeBMW 1 emhlophe ngesikhathi eya endaweni yokugcwalisa uphethiloli. IKaizer Chiefs ngomlomo kaKaizer Jr ongumphathi umemezele ukuthi ijezi likaLuke Fleurs unombolo 26 ngeke usasetshenziswa mdlali.

Impempe

Related Articles

Back to top button