Izindaba

Kudalulwe isifo esinqobe isihlabani saseMelika u-OJ Simpson

OWAYENGUMLINGISI nomdlali webhola eMelika, u-O.J. Simpson (76) usedlulile emhlabeni emuva kokuxinwa isifo somdlavuza.

USimpson waba sematheni ngonyaka ka-1994 esolwa ngokugwaza abulale lowo unkosikazi wakhe uNicole Brown Simpson nomngani wakhe uRon Goldman.

Unkosikazi kaSimpson watholakala kwithantala legazi ngaphandle komuzi wakhe eLos Angeles ngomhla ka-12 Juni 1994.

USimpson waphinda waba sematheni ngonyaka ka-1995 esebhekene necala lokubulala.

Kubikwa ukuthi wabaleka izinsuku ezinhlanu ngemoto yohlobo lweFord Bronco. Waba ngumsolwa wokuqala wayalelwa ukuthi akazinikele emaphoyiseni aseduze aphathe nepassport. Wabe eseboshwa wabekwa amacala okubulala.

Wagcina elahlwe icala lokuphanga kuhlonyiwe nokuthumba.

Lomadala ubehlezi ezithola ephambana nomthetho. Kuthe ngonyaka ka-2008 uSimpson wagwetshwa ngamacala angu-12 okuphanga kuhlonyiwe, nokuthumba iminyaka engu-12 ejele laseNevada.

USimpson owayeteketiswa ngo ‚ÄúThe Juice,‚ÄĚ ubedume umhlaba wonke futhi eyingqwele ngasekupheleni kweminyaka yama60’s nama70’s.

Umufi wagqama e-University of Southern California ngama 70’s enqoba inkomishi yeHeisman Trophy njengomdlali oseqophelweni eliphezulu.

Wadlulela kwiNFL neqembu iBuffalo Bills neSan Francisco 49ers lapho aphinda khona waqopha umlando. Okulandela lapho wachonywa uphaphe lwegwalagwala kwiPro Football Hall of Fame. Abaningi ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalisa amazwi enduduzo.

UThe Juice uke walingisa kumafilimu aseHollywood phakathi kwayo kubalwa iNaked Gun.

 

 

Related Articles

Back to top button