Kuvela okwenze kususwe uThomas ohlelweni kwiKhaya FM
Liyah Ngunezi
UMSAKAZI onamava kuleli uThomas Msengana uphucwe uhlelo lwantambama abelushayela nsukuzonke kwiKaya FM.
UMsengana owayeteketiswa ngo “Bad Boy T” eminyakeni edlule udedela uGlen Lewis obeyibambe kwiRadio 2000.
Lesi siteshi esizinze eParktown North, eGoli, besenza izinguquko kule sizini ka-2004/5.
“Umsakazo ujabule ukwamukela umakadebona emsakazweni uGlen Lewis okunguye ozoshayela uhlelo lwantambama iDrive 959 kusukela ngo 3-6. Uzojoyinwa usomahlaya uSkhumba Hlophe, Kgomotso Meso, Ayanda Nyathi noAngie Khumalo abazoba yithimba.
UThomas Msengana uzonikwa uhlelo lwasekuseni ngezimpelasonto kusukela ngo6-9, uKgomotso Meso yena uzozwakala ohlelweni iTop 30 njalo ngoMgqibelo kusukela ngo9-12:00” kusho isitatimende.
USizwe Dhlomo uzoqhoqhobala uhlelo lwasekuseni ngokusemthethweni noSol Phenduka. Lezi nguquko zizoqala emsakazweni ngomhla ka-15 Ephreli.
Shalate Maluleke ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uNkulunkulu uyiphendulile imithandazo yeningi laseGoli njengoba uGlen Lewis esezoba ingxenye yalesi siteshi.
UXolani Khabazela uthi uSkhumba akekho muhle ngaleyo ndlela emsakazweni ngaleyo ndlela uyaxakeka ukuthi ubuyiselwani. Wengeze ngokuthi ngale kwalokho bazihlele Kahle izinto zabo. USihle Mthembu uthi ubona uGlen Lewis noSkhumba kungamazi namafutha akazi ukuthi bazosebenza kanjani.