
UMr Magic neqhaza alibambayo ukundizisa uDJ Sbu
Liyah Singela
ULINDA Sibiya obemenywe ohlelweni lwasekuseni kwiRadio 2000 udalule ukuthi uye owanika uDJ Sbu uhlelo lwasekuseni oKhozini FM.
USibiya obuye ateketiswe ngoMr Magic uvunyelwe uDJ Sbu wathi uyambonga ngeqhaza alibambayo.
“Yimi engathi uSbu akanikwe uhlelo lwasekuseni mina ngihambe ntambama. Umphathi siteshi wathi ngeke kulunge ngoba nginezinombolo eziningi zabalaleli. Ngathi kulungile ngizohamba nazo ngiya ohlelweni olusha,” usho kanje uSibiya.
UDJ Sbu umvumele, wabonga ukuthi waba nobubele wangakhombisa ukumcwasa njengoba kuke kwenzeke kule ndima kaqeda isizungu.
“Siyaqala ukukhuluma ngalento esidlangalaleni, uMr Magic akakhombisa ukungicwasa njengoba kuvame ukwenzeka kule ndima kaqeda isizungu. Ngiyabonga kakhulu ngethuba owanginika lona,” usho kanje uDJ Sbu emoyeni.
ULinda uqhube ngokuthi uyakholelwa ekunikeni abantu ithuba wathi ukhuluma nje bawu-9 abantu abasemsakazweni ngosizo lwakhe.
“Ngisho nabaculi imbala ngangibasiza, ngikhumbula komunye umcimbi behhahheza umufi uMandoza esteji. Ngamcela iCD ngasese kwaba yimi owokuqala ukudlala ingoma yakhe oKhozini esihloko sithi Uzoyithola Kanjani,” kuchaza uLinda.
UDJ Sbu wajoyina uKhozi FM kwisizini ka-2007/8, ngaleso sikhathi wayebuya kwiYFM evutha engabaselwe.
ULinda Sibiya ukuvezile ukuthi usakulangazelele ukubuyela emsakazweni, noDJ Sbu wanxenxa abaphathi bemisakazo ukuthi banike uMr Magic elinye ithuba.