Ezokungcebeleka

UChidimma ubuyela eNigeria unomphela 

Sane Mseleku

OWAHOXA emncintiswaneni wonobuhle wakuleli uChidimma Adetshina, umemezele ukuthi uphinda kwelakubo eNigeria unomphela.

UChidimma wahoxa kunobuhle, ngenxa yezinsolo zokuthi amama wakhe wantshontsha ubuzwe bakuleli.

Kuthiwa wantshontsha isitifiketi sokuzalwa sengane yakuleli wabhalisa ngaso uChidimma ngebhadi wabanjwa.

Kwaba nezinkulumo ezaphoqa ukuthi ahoxe emncintiswaneni ngesizathu sokuthi akusiyena owalapha kodwa owaseNigeria.

Lesi simemezelo sokuphinda kwelakubo, siphume emuva kokuba abakwa Home Affairs bekhiphe isinqumo sokuthi umama wakhe akuvumelekile ukuphinde alibeke kuleli.

UChidimma wathola isimemo sokuthi angenele umncintiswano wanobuhle uMiss Universe Nigeria.

Ngempelasonto uChidimma wathola isicoco sokuba inkosazane yokuqala ku-Miss Universe eMexico.

Iningi labakuleli bathi ababandlululi, bamvotela uChidimma, noma kusanezinkinga. Emuva kwesicoco ukhulume nabezindaba ngobunzima aseke wabhekana nabo kulolu hambo.

“Ngiyaziqhenya ngokufinyelela lapha, angizange kuphela ngenzele mina kodwa ngenzele iNigeria ne-Africa yonkana. Sekuphele la okwami. Ngifuna ukuqhubeka nezifundo zami, ngizithuthukise,” kusho uChidimma.

Uveze nokuthi ufuna okwenza izinto ezinhle eNigeria, afunde nangemvelaphi yakhe.

UChidimma kube nguyena kuphela owase Africa ongenele lo mncintiswano.

ULerato Ngobeni ongosotswebhu ePhalamende kwi-ActionSA ugxeke uMnyango ukuthi umvumele kanjani ukuwela phesheya ekubeni udaba lwakhe lusaphenywa.

Umama kaChidimma ubonakale eNigeria ngesikhathi kuthulwa isicoco sika Chidimma, ekubeni eMzansi usaphenywa ngokuntshontsha ubuzwe.

Related Articles

Back to top button