Kuphume isidumbu kulayini kwa-Eskom
SEKUPHUME isidumbu ngoLwesine ekuseni kulayini obubanjwe umphakathi eNewcastle, kwaZulu-Natal.
Lokhu kwenzeke njengoba kuqhubeka uhlelo lokushintsha amamitha kagesi kuguqukelwa kuKRN2.
Ngokwe iLit Radio izifikele ugogo ubesuka eGoli ezolungisa njengawowonke umuntu, ubambe ulayini omude kanti nayizolo ubekuyo lendawo kodwa wangasizakala.
Ubonakale ezama ukubambelela ngodonga wawa kwabizwa abezimo eziphuthumayo bafika bazama ukumnika usizo kodwa kwasho ukuthi usethule ugogo.
Umphakathi udinwe wathelwa ngamanzi ubona ugogo ethula phambi kwawo.
Ube usudalula ukuthi nangesonto eledlule omunye waquleka kulayini wabuye wavuka, abanye basabisa ngokuyobika lesi sigameko ehhovisi likaMeya.
Abehhovisi likaMeya bafikile endaweni yesigameko, kumanje kuhlongozwa ukuthi usizo luyotholakala eNewcastle Town Hall ngoba khona kunemipheme bazokwazi ukuthi babe ngaphakathi makushisa.
Lokhu kuza emuva kokuthi u-Eskom unxuse wonke umphakathi wakwaZulu-Natal osebenzisa ugesi wabo ukuthi babhalise kabusha izinombolo zezigubhu zikagesi.
Umphakathi ubekelwe ungunqamlajuqu wangeSonto.
Izigubhu zizobe zingasakwamukeli ukufakwa kukagesi uma zingabhalisiwe kabusha kwi-KeyRevision Number.