Ezokungcebeleka

Uzowudlela ejele uKhisimusi uyise womlingisi

UBABA womlingisi kwiSkeem Saam u-Amanda Manku odume ngelika Lizzy, uzodlela ukhisimusi ejele.

UWilliam Manku (53) kanye noDavid Khoza (40) bazoqeda unyaka begqunywe ejele.

Labalisa baboshwa ngoJanuwari ngezinsolo zokubulala uGladys Manku (45), nonina uLetty Maphothoma (70).

Bobabili badutshulwa babulawa ngoMeyi 2021 bebuya ukuyokha amanzi.

Ngokombiko weDaily Sun icala lalaba solwa lihlehliselwe umhla ka-10 Febhuwari kuya ku-21 Febhuwari 2025, enkantolo enkulu yase Polokwane, eLimpopo.

UWilliam noDavid bathweswe amacala okwakha itulo lokubulala, elokweba, elokubulala kanye nelokudelela umthetho.

UWilliam owabe eyiphoyisa usenqatshelwe ibheyili izinkathi ezintathu. ngesikhathi efaka isicelo sebheyili sokuqala, iphoyisa elabe liphenya, lathi ulivumile icala wahlanza konke emuva kokuboshwa.

Enkulumeni yakhe, wathi ubengaqondile ukubulala unkosikazi wakhe kodwa wayeqonde umkhwekazi uLetty Maphothoma.

“Ngaqasha umuntu owazi abantu, wahamba nabo ngezimoto ezimbili besuka eGoli baya eLimpopo ukuyokhomba lapho kuhlala khona umkhwekazi. Babuyela emuva eGoli, base bebuya bodwa ukukwenza umsebenzi,” kusho uWilliam.

Wafaka isicelo sebheyili ngoba efuna ukusiza izingane zakhe ezimbili, ezabe zisokola kodwa inkantolo yanqaba.

Omunye wabammeli baWilliam, waqaphela ukuthi u-Amanda akakhulumisani nobaba wakhe.

Uma kukhulunywa naye u-Amanda uyaveza ukuthi uzizwa kanjani ngokushona kuka mama nogogo wakhe.

“Ukulahlekelwa umama kubuhlungu kakhulu, kunzima, kodwa ukulahlekelwa umama nogogo ngesikhathi esisodwa okunye. Bengidinwe kakhulu, ngithetha emkhulekweni yami, ngingasazilaleli izingoma zokholo, ngoba bezingenamqondo kumina,” kusho u-Amanda.

Ubaba wabe engumngani, eyinsika kumina. Ukucabanga ukuthi uyena lo oboshelwe ukubulala umama ngenye into.

Benginabazali abaqotho ngisho ubaba, bangithola bebancane. USathane akazithandi izinto ezinhle,” kuqhuba u-Amanda.

U-Amanda uthe, ezinye zezinto kubukhuni ukuzikhohlwa.

Related Articles

Back to top button