Izindaba

Amaphoyisa aseKZN abulale (3) obufunelwa amacala abucayi

Sane Mseleku

ABASOLWA abathathu, badutshulwe babulawa emuva kokudubulana namaphoyisa aKwaZulu-Natal eKlaarwater.

Bavulele inhlamvu, emaphoyiseni aseMarianhill abekade ebathungatha ngoLwesithathu ntambama.

Laba solwa bebefunelwa ukuduna itruck kanye nokweba impahla.

Ziyanda izigemegeme zokubulawa kwezigilamkhuba njengoba kubhekwe kuDisemba.

NgoLwesibili emini onogada benkampani iMarshall Security Special Operations, badubule babulala abasolwa abekade bethathe impahla yonke emzini womuntu ngo “dli”, eNewlands West eThekwini.

Laba solwa bavulele intululwane yezinhlamvu bephendla indlela yokudlula ngesikhathi bebona ukuthi sebebanjiwe. Ngebhadi bafika zigawulwe zabekwa.

Ekuqaleni kwale nyanga abasolwa ababili badutshulwa babulawa amaphoyisa, emuva kokuthi edubule kuqala emaphoyiseni. Amaphoyisa athiphiswa ngalabalisa ukuthi bathunywe ukuyobulala usomatekisi eMahlabathini.

Nebala abalindela, athi uma amaphoyisa ebamisa ngemoto, bavele bavulela inhlamvu okwaphoqa ukuthi amaphoyisa ayibuyisele ngebhadi, abasolwa bashonela khona lapho endaweni yesigameko, batholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Related Articles

Back to top button