Izindaba

Kuvundululwe ukudla okonakele obekuzodayiselwa abamnyama eThekwini

Musa Mkhize

AMAPHOYISA esifundazweni sakwaZulu-Natal avundulule isizinda esigcina ukudla okonakele e-Bluff nosekulinde ukusatshalaliswa ezindaweni ezihlala abantu emalokoshini.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ubehambisana noNdunankulu uThami Ntuli, bekule ndawo egcina impahla emigwaqweni uCnr South Coast eThekwini ngoLwesithathu.

Okushaqisayo wukuthi lokhu kudla osekuphelelwe yisikhathi, kusolakala ukuthi kuvela kwamanye amazwe.

Phakathi kwempahla evundululile eysidlulelwe isikhathi kubalwa amathini kafishi, amadrinks, amasoya beans, amaspices nokudla kwezingane osekonakele.

Kanti nezinto zokugcoba umzimba nemithi ephuzwayo, imijovo nakho kutholakele nakho kutholwe kule ndawo.

Ekhuluma nabezindaba uMkhwanazi uthe bafuna ukuthola ukuthi lezi zimpahla bezithengwe ubani ukuze zifike kuleli.

“Umuntu esimdinga kakhulu yoliwo ozithengile. Siphenya nokuthi uma zisuka lapha bezizoya kuziphi izindawo. La kutholakala ukudla okonakele, kuhlanganiswe okudliwayo nokungadliwa. Lezi zimpahla azikhokhilwe intela, futhi azihlolwanga ngabezimpilo,” usho kanje.

Ngeskhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo aphinde avundulula ezinye izindawo ezimbili ebezigcine izingubo zokugqoka izingo mbombayi nazo ezingabiza izigidi zama randi.

Kutholwa lezi zimpahla nje uMengameli uCyril Ramaphosa enkulumeni yakhe ayethule ngoLwesihlanu olwedlule uthe zonke izipaza kanye nezinye izindawo ezidayisa ukudla kumele zibhaliswe koMasipala babo ngaphambi kwezinsuku eziwu-21.

Izitolo ezingazo bhaliswe ngaphambi kwezinsuku eziwu-21 futhi ezingekho ezimweni ezikahle zizovalwa,” kusho uRamaphosa.

I-IoCE ithe izwelana nabazali abashonelwa izingane, kodwa uhulumani akenzi ngokwanele ukuthi angenelele kulesi sihlava esenzekile.

Related Articles

Back to top button