Izindaba

Bathole ithuba lesibili abapheka ezikoleni

Musa Mkhize

UMNYANGO wazeMfundo eGauteng usunike ithuba lesibili abadayisa ezikoleni nalabo abaphekela izingane ukudla.

Okhulumela uMnyango wezoMfundo eGauteng uSteve Mabona, uthe bese bekumisile ukudayiselwa nokuphekelwa ukudla izingane zesikole eGauteng kusukela kwenzeke izigameko zokugula kanye nokushona kwezingane.

Uthi babuye bahlala phansi bacubungula ukuthi kumele benze njani ukuze baphume nesixazululo.

“Sesiphinde sanika elinye ithuba omama abadayisela kanye nabaphekela izingane ukudla. Kunemigomo, imigudu kanye nemibandela okumele bayilandele. Bonke kumele beyobhalisa komaspala abaseduze nabo. Emva kokubhalisa bazothola izitifiketi ezizokhishwa omasipala babo ezizobagunyaza ukuthi sebengadayisela noma sebenga phekala izingane, i-School Govern Body (SGB’s). Nothishanhloko bezikole kuzomele njalo emva kwesikhashana esithile bazihlole izitifiketi ukuthi azikadlulelwa yisikhathi yini,” kuchaza uMabona.

UMabona uphinde wathi babone kungcono ukuthi bebanike elinye ithuba abapheki ngoba nabo indlela abaziphilisa ngayo nemindeni yabo.

“Emva kokuba sibamise ukuthi bedayise nokupheka kube nezikhalazo eziningi eziqhamuka emphakathi, bekubukeka sengathi sibancisha amathuba emisebenzi. Siyaba buyisela ke manje kodwa ngaphansi kwemigomo okumele bayigcine, uma kukhona abahlulekayo ukuyigcina lemithetho nathi ayikho into esizoyenza ngeke bekwazi ukuqhubeka, ngoba phela sizama ukuvikela izimpilo zezingane zethu,” kugcizelela uMabona.

Muva nje ezweni jikelele sekubikwe izigameko ezishaqhisayo ezahlukene lapho izingane zesikole zivele sigule zize ziphuthunyiswe ezibhedlela emva kokudla ukudla ezikuthenge ezipaza zabokufika.

Sekudlule emhlabeni izingane ezibalelwa ku-22 ngenxa yokuthi zisuke zidle ukudla okudlulelwe isikhathi. Imiphakathi ize yaphoqa ukuthi ezinye zalezi zipaza zivalwe.

Related Articles

Back to top button