
Ucelelwa umnikelo uDJ oshone ezokhipha noKabza
Liyah Mseleku
UDJ Poizen obezokhipha noKabza De Small ucelelwa umnikelo ukuze angcwatshwe ngesizotha.
UPoizen odabuka esifundazweni iLimpopo ubezokhipha umucu noKabza ngoNovember kulo nyaka.
UPoizen bekunguye obekwazi ukuhlanganisa ondle umndeni.
Kumanje umndeni walo DJ obephinde akwazi ukudidiyela umculo ubamba uyayeka awazi ukuthi uzoyithathaphi imali yezindleko zomngcwabo ngoMgqibelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uPoizen ubandakanyeke engozini enyantisa igazi edlule nabanye ngomhla ka-30 August.
Le ngozi yenzeka ku-N1 uma uphuma nje kancane ePolokwane esifundazweni sase Limpopo.
Okhulumela umndeni uRobert Masetla ucashunwe kwiDaily Sun ethi uPoizen bekunguye obemise ikhaya.
“Njengoba sekuhambe yena asazi ukuthi sizothathani sihlanganise nani. Amukho umuntu osebenzayo kuleli khaya. Sicela kubo bonke abantu abathintekayo ukuthi baphonse esivivaneni,” usho kanje.
Umndeni uthi izindleko zomngcwabo zingahamba zifike kuR150 000 kodwa bangamukela noma inhloboni yosizo kusukela ematendeni kuya ekudleni.
Ayehamba naye ngesikhathi sesigameko uChymamusique wasinda kumanje uyalulama.
Labo abafisa ukufaka isandla bayanxenxwa ukuthi baphonse ku:-
Masatle Mogale Blondy
Bank: Standard Bank
ACC No: 10237788215
Reference: Caven Masetla
NB: Marketing & AdvertisingWhatsApp/Call-073 062 1169



