Izindaba

Bahambe ‘wrongo’ abasolwa (5) ababulewe amaphoyisa

Sihle Mkhize 

Bebefunelwa amacala okuphanga nokubulala abasolwa abahlanu abafe bedubulana ntathakusa namaphoyisa eChartworth, eThekwini.

Laba solwa abahlanu bebefunwa uthuli ngabakwasidlodlo.

Ngosizo lwezobunhloli bathole umkhondo walapho abasolwa becashe khoma phakathi emjondolo yale ndawo ehlala ikakhululazi abaseNdiya.

Kuthiwa abasolwa bezwe ukuthi amaphoyisa asekake yonke indawo baqala badubula kuqala bebhekise ngakuwo.

Nokho bafike zigawulwe zabekwa emaphoyiseni, kwaqhuma inganono kwafa ujuqu bobahlanu abasolwa.

Amacala okuthiwa bebefunelwa wona bawenza eMarrianhill nakwaNdengezi, Mpumalanga nakwezinye.

Kulaba solwa kukhona nomunye odabuka eMozambique kanti omncane kunabo bonke uneminyaka engu-15 ubudala.

Kube sekutholakala izibhamu endaweni yesigameko okuhlanganisa noqhwasha.

Ngesikhathi sokuloba iziphathimandla bezisematasa zihlanganisa ubufakazi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sakwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko.

Ugogo kamufi omncane kunabo bonke amgagule ngoLwah uthi uphatheke kabi kakhulu ukuthi umzukulu ufe ngale ndlela.

Ubuze umbuzo kwabezindaba wokuthi kule minyaka abenayo ngabe ubekwazi ukubulala?

Uthi mhlawumbe ugaxeliswe wukuthi ubehamba nabantu abangabenzi bobubi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button