Ezemidlalo

Izinhlelo zedili likamkhipheni iBafana ibheke kwiWorld Cup

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uhlela idili ikamkhipheni lokujabulela ukungena kweBafana Bafana eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela ngo-2010.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi iBafana iphinde yathatha elinye igxathu elisondela ekufezeni leli phupho ngokubhaxabula iLesotho.

IBafana inqobe ngo 3-0 kulo mdlalo wasekuhambeni kodwa obuseFree State Stadium, eBloemfontein, ngoLwesihlanu ebusuku.

UMohau Nkota ushaye igoli lokuqala esiwombeni sokuqala, kwathi oLyle Foster no-Oswin Appollis bashaya amanye kwesesibili.

“Into ebalulekile wukuthi siyayinqoba imidlalo okufanele siyinqobe,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

“Bekungelula namuhla, bekuwumdlalo la imizwa beyiphezulu ngenxa yokwenzekile ngaphambi komdlalo.

“Kodwa sikwenzile obekudingeka, sishaye amagoli amahle – besingekho engozini.

“Yize silinyalelwe abadlali, labo abangenile basebenze kahle. Akuzange kusiphazamise futhi njengoba bengishilo, kuhle engikubone ejimini.”

Uqhube wathi iBafana seyisemnyango wokungena eNdebeni yoMhlaba futhi manje akusamele benze iphutha njengoba ixinwe yiBenin.

“Kumele singene manje… Sisendaweni enhle kakhulu kodwa kusasele imidlalo emithathu.

“Sizozama ukuthi singabe sisalidedela leli thuba, futhi esikhathini esiyinyanga, ngizokwenza elikhulu idili.”

IBafana izobhekana neNigeria ngoLwesibili futhi uma inqoba kulowo mdlalo, iyobe seyishoda ngephuzu elilodwa emidlalweni emibili ezobe isele.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button