Ezokungcebeleka

Abakaze bavele enganginabo ngiphuka umlenze – Phuzekhemisi 

Sihle Mkhize 

Umculi kaMaskandi osanda kuhlonishwa ngeziqu zobudokotela uZibokwakhe ‘Phuzekhemisi’ Mnyandu uveze ukuthi selokhu aphuka umlenze akaze avakashelwe muntu.

UPhuzekhemisi wehlelwa yilo mshophi ngoMgqibelo odlule enandisa emcimbini owawuhlelelwe yena eMgungundlovu ehholo laseVulindlela.

Kulo mcimbi Inkambo kwakuhloswe ukugubha iminyaka engu-30 ayibamba emculweni.

IPurpose imvakashele emzini wakhe oseLovu nalapho imfice eziphumulele ehlezi kusofa nezinduku zakhe zokuxhugela.

“Selokhu ngalimala labo enginganabo bebengakaze bavele. Kodwa ngicabanga ukuthi bamatasa, nokho bayafona ukuzwa impilo,” kubalisa uMnyandu kucaca ukuthi ukhathazekile.

Elandisa ngesehlo uthi ngesikhathi engena esteji wavukwa amadlingozi ejabulela umculo kanti uzogeja istebhisi kwazise kwakunefu lentuthu (smoke) waphinyilika.

“Kwamane kwaba muncu kwaphoqa ukuthi ngiphuthunyiswe emtholampilo nalapho ngathola usizo lokuqala kwacaca ukuthi kumele ngidlulele esibhedlela,” usho kanje.

Nebala ngeSonto udlulele esibhedlela eScottburgh, nalapho befike bamxilonga khona bathola ukuthi uphukile base bemfaka ukhonkolo.

Nakuba ehamba ngezinduku kodwa uthembise ukululama okusheshayo.

Uthi kunemicimbi ehleliwe nalapho elindeleke ukuthi ayonandisa khona.

Phakathi kweminye uGu Maskandi Festival ngomhla ka-27 kuSeptember.

“Ngicela ukuthi abathandi bomculo wami, umndeni, abantwana nabazukulu bangakhathazeki ngizolulama sizodlula lesi simo,” kuthembisa uPhuzekhemisi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button