Ubumnyama kwabangabhalisile kwa-Eskom
Musa Mkhize
BELIGCWELE liphuphuma ihholo lomphakathi wase-Azelea, ngaphansi kwaMaspala waseMsunduzi ngoLwesibili emini.
Lo mphakathi ubuzocosha ulwazi ngoshintsho olwenziwa yinkampani esabalalisa ngogesi eNingizimu Africa u-Eskom.
Le nkampani ibizocebisa umphakathi ukuthi kumele uvakashele amahhovisi awo ukuze uzovuselela izinombolo zezigubhu ngaphambi komhla ka-24 Novemba kulo nyaka.
U-Eskom unxusa wonke umphakathi wakwaZulu-Natal osebenzisa ugesi wabo ukuthi babhalise kabusha izinombolo zezigubhu zikagesi.
Umphakathi udonswe ngezindlebe ukuthi ubhalise lungakashaya usuku olungunqamlajuqu.
Lokhu kuza ngemuva komyalelo we-Standard Transfer Specification Association (STSA).
IKhansela lakuward-15 uMnuz Themba Ngubane lithe abakwa-Eskom bebezochazela umphakathi ngololu hlelo.
“Ngithanda ukubonga abakwa-Eskom ngokuzocacisela umphakathi ukuthi kumele wenze kanjani ukuze ungazitholi ungesenawo ugesi. Futhi nomphakathi ugculisekile ngendlela ochazeleke ngayo,” kusho uNgubane.
Izigubhu zizobe zingasakwamukeli ukufakwa kukagesi uma zingabhalisiwe kabusha kwi-Key Revision Number.
U-Eskom unxusa wonke umphakathi osebenzisa ugesi wabo ezindaweni ezihlukene ukuthi wenze njengoba kushiwo ukuze ungabi nenkinga yokuswela ugesi.
Uphinde wabonga kuwo wonke umphakathi odele konke emakahaya ukuzothamela lo mhlangano.