Sekulele kubantu ukwamukela uxolo lwaDJ Sbu ‘oyisiphoxi’
Sane Mseleku
SEKULELE kubantu ukwamukela uxolo oluvela kuDJ Sbu, emva kokuba kusabalale ivideo yakhe ephoxa umdayisi emgwaqeni ongenayo iMofaya okuyisiphuzo salo saziwayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDJ Sbu akaqali ukuxolisa emphakathini.
Phambilini wagxekwa ngokuseka uChidimma Adetshina, owayengenele unobuhle wakuleli, ekubeni engesiyena owaseNingizimu Africa.
USibusiso “DJ Sbu” Leope, umnikazi wesiphuzo esinika amandla iMofaya, uxolisile ngesenzo sakhe sokuphoxa umdayisi, ongasidayisi isiphuzo sakhe.
Isenzo sika DJ Sbu sishiye abaningi bediniwe futhi bedumele, abanye basabisa ngokubhikisha ukuze sivalwe lesiphuzo, ngenxa yolimu lwakhe olushiye umdayisi edumele.
Ekuxoliseni kwakhe uSbu kwizinkundla zokuxhumana iX, uthe bekungeyona inhloso yakhe ukuphoxa noma ukucwasa kodwa ubegqugquzela umdayisi.
“Niyathanda ukungigxeka ngasosonke isikhathi. Ngiyazizwa izikhalazo. Ngiyaxolisa. Ngiyaxolisa akukho okubi ebengikuqondile,” kusho uDJ Sbu.
“Siyamkhuphula ubafo kwayimanje, kuningi okuzayo maduze. Yehlisani umoya bafowethu nodadewethu, uthando nje kuphela,” eqhubeka uDJ Sbu.
Inkulumo kaDJ Sbu ikhombise ukubukela phansi osomabhizinisi abancane, kanye nezingqinamba ababhekana nazo abadayisa emgwaqeni.
Ekuxoliseni kwakhe uDJ Sbu uphindele emuva kumdayisi wasemgwaqeni, wamnika amakani eMofaya ambalwa ukuze awadayise wangeza nango-R200 ngaphezulu.