
Isexwayiso esishubile ngePens Downs kuMatric
NJENGOBA uphothula ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka uMatric ngephepha lokugcina le-Accounting uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal usuxwayise abafundi ngePens Down.
Ubaxwayise ngokukuthi bangazibandakanyi nemicimbi kanjalo nemibhiyozo yokuphothula lezi zivivinyo edume nge-Pens Down.
Lo Mnyango uthe amaphathi kulindeleke ukuthi enzeke kusuka namhlanje njengoba elinye iqoqo liphothula izivivinyo zalo Kanti elinye liqeda ngoLwesine.
UMphathiswa womnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uyale abafundi ukuthi bangazihlanganisi nala maphathi ngoba ayaphazamisa.
Uthe kula maphathi kunkunkwa utshwala esidlangalaleni, abafundi baziphathe ngendlela engafanele.
Uveze ukuthi abanye babhala imifaniswano yabo okuyinto engahambisani nokuziphatha okulindelekile kubafundi.
“Kunokuthi kubhalwe umfaniswano wesikole, sinxusa ukuthi unikelwe esikoleni ukuze udluliselwe kwabawudingayo. Siyazi ukuthi kusho lukhulu ukuphothula izivivinyo zika matric kodwa siyanxusa ukuthi ababhiyozayo bakwenze lokhu ngenhlonipho,” kusho uHlomuka.
Unxuse abazali kanjalo nemiphakathi ukuthi basebenzisane nezikole ukunqanda imibhiyozo ehambisana nokuqeda ukubhala.
“Abafundi kumele bakhumbule ukuthi indlela abaziphatha ngayo, isuke ikhomba indlela abaziphatha ngayo emakhaya noma ezikoleni.”
Uthe okungcono akwenziwe imibhiyozo ezogqugquzela ukuziphatha ngendlela futhi ibe nenhlonipho.