Izindaba

Bakhalele ama-ARV’s abavukuzi ababhajwe emathunjini omhlaba

Musa Mkhize

SEBEKHALELA ukuthola okungenani noma ama-ARV’s abavukuzi abangekho emthethweni ababhanjwe emathunjini omhlaba.

Amaphoyisa esevumile ukubathumelela imishanguzo ama-ARV, labavukuzi badume ngokuthi amaZama Zama nabangekho emthethweni kwimayini i-Stilfontein, eNorth West.

Lokhu kuza emva kokuthi inkantolo enkulu yaseGauteng ikhiphe lesi sinqumo.

IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa uLietenant-aGeneral uTebello Mosikii uthe inkantolo ikhiphe incwadi yesivumelwano ukuze kuhlengwe izimpilo zabantu.

Isakhamuzi saseKhuma esihlala eduze kwale mayini uManana Mosotho uthe izwe libuka abavukuzi abangeko emthethweni njengabantu abangalungile kodwa bona bababuka njengabantu abazamela imindeni yabo.

“Nginomakhelwane okhona laphaya emgodini. Lo muntu ungowokufika kuleli zwe kodwa naye phela ungumuntu. Kade aqala ukusebenza kule mayini ngoba efuna ukondla umndeni wakhe. Uma kuvalwa lomgodi kuzoba nobugebengu obuningi kule ndawo ngoba abantu abaningi basebenza kuyona. Yebo akukho emthethweni ukuthi bavukuze kule mayini, kodwa phela nabo indlela abaziphilisa ngayo,” kusho uMosotho.

NgoLwesibili mhla ka-19 Novemba, ithimba labatakuli litheleke kule mayini ukuze lihlenge abavukuzi abazimisele ngokuphuma kule mayini.

Related Articles

Back to top button