Izindaba

Zitholwe zinecala lokubulala izithandani

ZIZOGWETSHWA ngoNovemba 24 izithandani ezitholwe zinecala lokubulala, amacala okwakha itulo lokubulala, kanye nokukhwabanisa.

UXolani Sitebe ongumfowabo kamufi uSibusiso Sitebe, uthe ukushona kwamnewabo kulethe ubuhlungu obuyisimanga kwacishe kwaletha uqhekeko emndenini.

“Angisoze ngabaxolela ababulala umfowethu,” kusho uXolani.

USibusiso Mahlangu noLerato Mahlangu batholwe benecala enkantolo enkulu yase North Gauteng, ngoLwesibili. Bebethweswe amacala okwakha itulo lokubulala, ukubulala kanye nokukhwabanisa.

Ngokombiko weDaily Sun uSitebe wabulawa ngoJanuwari 2022.

“Kubenzima kakhulu ukungcwatshwa kuka mfowethu singazi. Kubenzima kakhulu ukulahlekelwa umfowethu, kwazise besisondelene kakhulu naye. Isinqumo esithathwe inkantolo siyangijabulisa kakhulu, ngifisa bafele ejele,” usho kanje.

Babevele bemsola uLerato ngokufa kukaSitebe.

“UNkulunkulu ube nathi, ngoba uSibusiso Mahlangu entshontshe imoto, wakwazi ukubanjwa,” kuqhuba uXolani.

UXoalni uthe babesola ukuthi uSibusiso ulahlekile, kwamele bambheke. USibusiso wabe eyikholwa, ethanda ukucula ezokholo.

“Ngikhululekile manje njengoba lezi zithandani zizobolela ejele,” kuqhuba uXolani.

IJaji liveze nokuthi uR575 000 watholwa uLerato emailini yomshwalense. Laphinde lasho ukuthi amaphoyisa akuphikile ukuphoqa uSibusiso ukukhuluma iqiniso ngesikhathi ebhala istatimende.

IJaji uPapi Masopa lithe icala libuyela ngoLwesihlanu mhla ka-24 kule nyanga lezi zithandani ziygwetshwa.

Related Articles

Back to top button