Kudutshulwe kwabulawa umfundi ebheke esikoleni
Musa Mkhize
ZIYANDA izibalo zokufa kwezingane ezikoleni njengoba kuphela unyaka, kwaMakhutha Comprehensive High School entshonalanga yeTheku kubalawe umfundi kungekudala.
Kungakapholi maseko sekudutshulwe kwabulawa omunye umfundi oneminyaka ewu-14 wase-Ravensmead High School namhlanje ekuseni, ngoLwesibili ngesikhathi ephikelele eskoleni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKapa u-Bronag Hammond uthe ezinye izisulu ezimbili ezisindile kulesi sigameko zithuthelwe esibhedlela.
“Kukhona ezinye izingane ezimbili ezilimele. Izigilamkhuba zibaleke ngezinyawo zanqamula emagcekeni e-St Andrew Technical High School. Isikole sibe sesivalwa kwenzelwa ukuphepha kwezingane,” kusho u-Hammond.
Okhulumela amaPhoyisa aseKapa u-Brigadier Novela Potela ukuqinisekile ukuthi oshayasbhamu bavulele ngenhlamvu kubafundi. Uthe labo shayasbhamu ababili badilike emotweni ku-Donnegal Avenue base bevulela ngenhlamvu kubafundi.
“Lesi gameko sidlule nomphefumulo, ezinye izingane ezilimele ziphakathi kweminyaka ewu-15 no-17 zithuthelwe esibhedlela ukuze zithole ukusizakala. Kusaphenywa ngembangela yokudutshulwa kwalezi zingane,” kuchaza uPotelwa.