
UBester nencwadi yesivimbelo kwaNetflix
Bahle Mkhize
Umgulukudu uThabo Bester nesinqandamathe sakhe uDr. Nandipha Magudumana bafake incwadi yesivimbelo eNkantolo mayelana neNetflix.
Kuthiwa laba balwela ukuthi uNetflix ungawudedeli umdlalo owuchungechunge osihloko sithi Beauty and the Bester.
Le documentary ihlelelwe ukuthi iqale idlale ngoSeptember 12 kulo nyaka.
Lolu chungechunge lususelwe ekweqeni ejele kwaBester ngo-2022, impilo ebukhazikhazi nokuthungathwa okwaholela ekuboshweni kwabo eTanzania.
Ngesikhathi laba beba sematheni kwakungesikhathi bevela enkantolo eBloemfontein High Court ngoJune.
UBester wayegeqa amagula ngempatho athi ayiyinhle aphiliswa yona yedwa ejele.
UMagudulela wahluleka ukuzibamba wakhihla esikaNandi.
Okwagqama ngokuvela kwabo wukuthi uNandipha akawabhekisanga amehlo akhe kuBester, wavele waya ngakuyise uZolile Sekeleni. USekeni ungomunye wabasolwa.
UBester wathi ngokwakhe yena akasona isiboshwa esibi kangako kuleli.
Wathi unamacala abalekayo (amathathu) kodwa usethathwa njengesiboshwa esidumile ngaphandle kwesizathu.
UBester waqhubeka wathi ubona kungafanele futhi kuyiphutha ukuboshwa kwabantu ngaphambi kwenkantolo ngezizathu ezingabathinti.
Wathi kubuhlungu kakhulu ukubuka abantu abangahlangene nhlobo namacala wakhe bebekwe phambi kwenkantolo.
Wakubeka kwacaca ukuthi kunabantu abavikelwayo, bevikelwa abaphenyi becala.
UBester waqhuba wathi unobufakazi obuphelele obukhombisa ukuthi lento ayikho ngabasebenzi beG4S kuphela kodwa ifaka abantu abaningi futhi abasezikhundleni ezinkulu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



