
Zivovane inkani eFNB kwangabakhona egoba uphondo
Kugqame USibongiseni “Ox” Mthethwa emdlalweni obuphakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns eFNB stadium.
Ugcine eqokwa eba umdlali ovelele ezakhe zibambana ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo uke wabambezeleka ukuqala kwawo kanti ubuthanyelwe abalandeli abangu-75 000.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ox uthe le ndondo ayinqobile akuyona eyakhe yedwa kodwa ngeyeqembu ngoba basebenza ngokubambisana.
“Ngizoqala ngokubonga ukwesekwa yiwo wonke umuntu okhona kwiKaizer Chiefs,” kusho uMthethwa.
“Lokhu akusikhona okwami ngedwa, okweqembu lilonke. Uma kudlale mina kahle ngavelela kusho iqembu lonke belidlala kahle.”
UMthethwa uke wakhahlelela ipali futhi wacishe waziphula izinhliziyo zabeSundowns – esiwombeni sokuqala, nangasekupheleni kwesesibili.
“Nanokuthi ngike ngicishe ngalishaya igoli… Ngizame ngakho konke okusemandleni ukuthi ngilishaye kodwa akuzange kwenzeke.
“Okusho ukuthi bekungelona usuku lwethu namuhla. Kodwa ke ngeke size sikubalekele ukuthi iphuzu libaluleke kunayo yonke into.”
Leli phuzu eliphume neChiefs liqinisekise ukuthi isahlezi endaweni yesibili ngemuva kweSekhukhune United ebambane ngo 1-1 naMaZulu FC ngawo uLwesithathu ebusuku.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uyavuma ukuthi ukhungathekile ngemuva kokuthi iqembu lakhe lihlulekile ukuqeda ngeSundowns.
“Kuyiqiniso ukuthi kukhona ukukhungatheka okuthile ngoba sikholwa ukuthi besingawathola amaphuzu amathathu kulo mdlalo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Kodwa bekuneqembu elihle phambi kwethu. Kukhona nokho ukuzisola okancane, kodwa sizoqhubeka sisebenze futhi sibheke ikusasa.”
Komunye umdlalo, iGolden Arrows ishaye iMagesi FC ngo 2-1.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



