Izindaba

Zibanjwe kweziwudlayo kwabaqola kuFacebook

Liyah Mseleku

Zicushelwe umgogo amaphoyisa aseGoli izigilamkhuba ezinhlanu ezizenza abantu abadayisa ngezimoto.

Kulesi sigameko umgilwa uholelwe oPhathe yilaba solwa abaneminyaka ephakathi kwa-27 no-39 ngokuthi badayisa imoto yohlobo lwePolo Vivo kuFacebook.

Ngenxa yokulutheka umgilwa ngomhla ka-4 August ube esehlela ukuhlangana nabo.

Nokho uhlangane nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.

Udutshulwe, wathunjwa waphinde waphangwa konke ayenakho.

Amaphoyisa abe esebacuphela umgoga athumela umthengi mbumbulu wona ahoba.

Ngesikhathi inkukhu iwusola umgqakazo kubasolwa bamane bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni babaleka ngezimoto ezimbili.

Nokho bafike zigawulwe zabekwa kwabomthetho, kube yifilimu kujahwana kubhekwe emgwaqweni obheke eMidrand.

Bekusho inganono yaze yalala amankeyana enye yezimoto ebezihamba abasolwa.

Babanjwe bobahlanu abasolwa kwatholakala nezibhamu ezimbili kubo.

“Labo abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ngaphansi kweso lamaphoyisa”

“Bazovela ukuyobingelela iMantshi eMidrand Magistrate’s Court ngoLwesithathu mhla ka-27 August,” kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo.

Abasolwa babhekene namacala okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni izinhlamvu nokuzama ukubamba inkunzi kuhlonyiwe.

Kumanje amaphoyisa ayaphenya ukuthi labasolwa abathinteki yini kobunye ubugebengu nokuphanga.

UMasondo uxwayise abantu jikelele ukuthi baqaphele uma bethenga ezinkundleni zokuxhumana.

Ubanxuse ukuthi kuhlanganelwe eduze kwasePolice Station ukuzama ukugwema ukuqolwa.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button