Ubalisa ngokumelwa inhliziyo omisiwe oKhozini FM
Kwande kaZikiza
UKHALE kozakwabo ngokuthi uzomelwa inhliziyo umsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela obemisiwe.
UZimdollar, ubemiswe kanye noKhathide “Tshatha” Ngobe baqale ukuzwakala ngoMsombuluko.
Yize uKhozi FM lungaphumelanga obala ngezizathu zokumiswa kwalaba basakazi, kodwa iPurpose ingakuqinisekisa ukuthi bekunenhlese yokuzibandakanya namaqembu ezepolitiki ngesikhathi somkhankaso.
IPurpose iputshuzelwe umthombo ongaphakathi e-SABC i-audio kaZimdollar abebuza ku-Whatssap group enabasakazi boKhozi FM nabaphathi okukhona kubo uSbongi Ngcobo.
“Nakhu ngizomelwa inhliziyo lapha embhedeni sengibathe ngibathe iyashaya. Ngiyabona ilento yami yokungasazi kahle isilungu. Simisiwe lapha noma angithi ngimisiwe ngoba ngaya emcimbimi wepolitiki kanti lento siyizwe sesibuya khona kosebenza kuleyo micimbi.
Namhlanje sekuthiwa le editorial policy yayikhuluma ngathi sonke, kodwa ekuqaleni kwathiwa kithina le policy ayisebenzi ngoba (njengabasakazi) asikwazi uku-breaka izitori ngoba asikho kwa-editorial.
Iyangixaka lento ngoba kusukela ngo 2014 mango 2019 cishe uhhafu wonke wesiteshi ubuwahambela ama rally.
Ngike ngazama ukubuza uSbongi noZu (uZukhanye Ngetu oyiSenior Producer emsakazweni) nakhona ngangachazeleka kahle.
Engifuna ukukuqonda kahle ukuthi manje i-SABC ayisavumi yini ukuthi senze eminye imisebenzi emaceleni?
Uma umisiwe kumele usiqonde kahle isizathu sokumiswa kwakho ukuze uma ubuzwa umuntu uchaze into oyaziyo nawe.” usho kanje.
Kule Whatssap group kungenelele uSelbeyonce ozwakalise ukuzwelana nozakwabo ngokumiswa kwakhe, wase eziceba naye ukuthi uke waqashwa amaqembu epolitiki kodwa akakaze amiswe.
“Yaze yabuhlungu into ekwehlele zakwethu. Mina ngaqashwa kusukela ngoMashi, Aphreli nangoMeyi ngoba phela angeke siyinqabe imali bakwethu ngoba isinkwa sethu phela lesi uma ubheka ukuthi la e-SABC sisebenza amahora amathathu kuphela.
Ngithi-ke angizicebe kubaphathi ngoba nami phela ngisebenzile namaqembu epolitiki kodwa angimisiwe. Ngokuziceba kwami ngithi ngizwelana nozakwethu abamisiwe. Angazi ngempela isebenza kanjani indaba yokumiswa ,” uSelbeyone uzwakala esho kanjalo.
Kuyo le Whatssap group abanye bananele ngokuthi okwenziwa i-SABC ukubaqhatha bebodwa ngoba bethathela abathile izinqumo bese abanye bengathintwa.