Ayisahlekisi eyokukweletwa usomahlaya kuPhuzekhemisi
UMAKADEBONA emculweni kaMaskandi uPhuzekhemisi uthi sekwanele ukuchazelwa esekufuna manje imali yakhe kuMjosty Mbhele.
Ngokubika kweTshisaLIVE uPhuzekhemisi wabhukhwa uMjosty ukuthi ayonandisa kwiGoduka Music Festival eminyakeni emibili eyedlule.
Lo mcimbi okwakupikwe kuwo nezinye izihlabani emculweni wawubanjelwe eKing Zwelithini Stadium kanti uPhuzekhemisi wayethenjiswe uR20 000.
IGoduka yayiqondaniswa nezinsuku zokuthi labo abasebenzela emadolobheni amakhulu sebeyagoduka babheke emakhaya.
Njengamanje uMjosty, ulingisa indawo ephambili kaZwelakhe kwi drama series, iSiphetho edlala ku-etv.
UPhuzekhemisi uzwakalise ukudumala nokudinwa isenzo saMjosty ukuthi ulokhu emyisa ngapha nangapha njengengane encane.
“Ngilimele emphefumulweni ngoba bengimthemba ukuthi uzokwenza okuyikho. UMjosty ulokhu edlala umacashelana nami. Kungani angathembisa into engekho ukuthi uzongikhokhela ekubeni wayazi kahle ukuthi udlala ngami. Ngiyayifuna imali yami,” kusho uPhuzekhemisi.
Uqhube ngokuthi ngesikhathi begcina ukukhuluma naye wathi akusiye (Mjosty) ongafuni ukukhokha kodwa uMnyango wezobuCiko namaSiko okungamanga aluhlaza cwe.
“Sengisebenze kusukela ngo-1995 nomnyango kodwa akukaze kuphele iminyaka emingaka ungakhokhi. Ungenza ingane uMjosty. Uma ngangazi ukuthi uyokwenza imali ngami bese engangikhokheli ngangingeke ngilubhade kulowa mcimbi. Okungidina tu wukuthi wafika nakwami ezonginika ithemba elingekho. Emuva kwalokho washaya wachitha. Angisafuni zinkulumo kodwa ngifuna imali yami,” usho kanje.
UMjosty uvumile ukuthi uyamkweleta uMjosty. “Akusiye yedwa nabanye ababengisiza kuloya mcimbi abakhokhelwe nawo wonke amaciko ayedlala. Into esibulale kakhulu ukushintshashintsha koNgqongqoshe. Sengithathe isinqumo sokuthi ngingabe ngisenza mcimbi ngoba ungiqhatha nabantu abasondelene nami,” usho kanje.
UMnyango weZemidlalo, ubuCiko namaSiko uziqhelelanisile nezenzo zokuqola abantu okusolwa ngakho uMjosty.
“UMnyango ngeke ukwazi ukwanda ngalolu daba kwazise awubambanga qhaza ukukhokheleni kwamaciko njengoba babevumelene noMjosty,” kubhalwe kwisitatimende.