Abakwa Vodacom bakhomba uKelly Khumalo kwelokufa kwaMeyiwa
UMZWILILI womculi uKelly Khumalo umataniswa nomsolwa oboshelwe icala lokufa kwaSenzo Meyiwa.
Inkantolo ilalele ubufakazi bokuthi ngosuku uMeyiwa abulawa ngalo ifoni yomsolwa noKelly yayidonsa embhoshongweni owodwa eSpruitview naseVosloorus.
UPinky Vythilingam obevela enkampanini yakwaVodacom uthe inombolo eyodwa eyabhaliswa neyafonelwa umsolwa wesihlanu yakhala kuKelly.
UVythilingam udalule lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi ngaphansi kwesigaba uSection 205 eNkantolo enkulu ePitoli ngoMsombuluko.
Ubethula lobu bufakazi eholwa ummeli wombuso u-Advocate Ronnie Sibanda.
Ufakazi wakwaVodacom uVythilingam uthi idata bayithumela kubaphenyi becala ngePDF ukwenzela ukuthi ingathikamezeki.
“Lonke ulwazi oluqukethwe la nolaluceliwe kusukela ngoJuly 1, 2014, kuze kube Okthoba 27, 2014,” usho kanje.
Emuva kokufunda zonke izinombolo zocingo eziyisithupha uVythilingam ube esegxila kwizingcingo ezenziwa uFisokuhle efonela uKelly.
“Ucingo lokuqala lashaywa Agasti 2, 2014, lwakhala kwinombolo egcina ngo-4358 [Kelly ]. Lolu cingo lwathathwa isikhathi esingangomzuzu nemizuzwana eyishumi. Lolu cingo lwaluqhamuka kwinombolo egcina ngo-1330 [Ntuli].
U-Advocate Sibanda ubuze ukuthi lolu lwazi luthembeke kangakanani, wangeza ngokuthi lolu bufakazi abaphekiwe nje?
UVythilingam uphendule ngokuthi lolu lwazi lugcinwe icomputer ngaleyo ndlela akukho okungathi lushaya amanzi noma kukhona owenze okungeyikho.
Uqhube ngokuthi phakathi kwa7-8 kusihlwa ngo-Okthoba 26, 2014, ngobusuku uMeyiwa abulawa ngalo inombolo kaKhumalo, umufi noChicco Twala zazidonsa embhoshongweni owodwa eSpruitview naseVosloorus, empumalanga neGoli.