Izindaba

Sishiye kukhalwa isiphepho eKZN sidlula nemiphefumulo

Aphe Gcwabe 

KUSHONE abantu abantu abangaphezulu kweshumi kwaZulu-Natal, kuhlasela isiphepho ebesihambisana nokuduma kwezulu nemvula enamandla.

Abethimba elibhekelele izinhlekelele bamatasa kumanje njengoba behlola umonakalo odalekile.

Kubikwa nokuthi bazama ukusiza labo abakhahlamezekile ngendawo yokuhlala okwesikhashana.

Ezinye izindawo eThekwini akuhambeki njengoba izihlahla ziwele emgaqweni kwalimala ingqalasizinda okuhlanganisa ukucisha kwagesi nemigwaqo.

Ezinye izindawo ezishayeke kakhulu kubalwa uMgababa, Durban Central, nezinye izingxenye zentshonalanga neTheku.

UThongathi ubalwa nezinye izindawo ezipheshukelwe imizi eminingi.

Esinye isakhamizi sithe: ” Umuzi wami ulimele ngisele dengwane. Ngibone isichotho ngashutha evuma kwalokho ngizwe sengathi kuduma ibhanoyi emafini. Ngithe ngisabheke lokho umuzi wami wabhidlika”

Azisalanga izindawo okubalwa Amajuba District no-Mzinyathi District. Kuthintele iNewcastle, Dannhauser, Nquthu nezinye izindawo ezakhele le ndawo.

UNdunankulu wakwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uzovakashela oThongathi eyohlola isimo alekelele lapho engasiza khona.

Sekuqagulwe isigaba sesine ngabeSouth African Weather Services ikakhulukazi eningizimu nesifundazwe. Nakhona kulindeleke izikhukhula, kunxuswa abantu ukuthi baqaphele.

Related Articles

Back to top button