
Ubalekele phesheya uMax ofunwa yibutho lakwaZulu
Liyah Mseleku
UMax Makhanya osezakhele isigcwagcwa kwabaningi ngokuthuka iSilo uMisuzulu kaZwelithini umemezele ukuthi usexoshiwe kwinkampani yonogada abekade eqashwe kuyo.
UMakhanya uthi ukujabulele ukuxoshwa kwakhe ngoba vele akasekho ezingeni lokuba unogada. Ubekhuluma kwivideo okukholakala ukuthi uyishuthe ekwindiza.
Uveze ukuthi uyalifulathela elakuleli, ulibangise kumfowabo omelamayo e-United States of America (USA) eNew York.
“Ngithi angikucacise ukuthi ngixoshiwe yinkampani ebengiyisebenzela. Manje ngilibangise eNew York kumfowethu ongelamayo,” usho kanje.
NgoMashi 26 wazehlisa waxolisa esizweni nakwiSilo lo mbhemu waseMbumbulu.
UMakhanya ubenekela izwe ezinkundleni zokuxhumana ngamahlazo aseNdlunkulu.
UMakhanya uxolisa nje bekungakapheli isikhathi esingakanani kuhlale isithangami sabezindaba ebesiholwa umdidiyeli wamabutho induna uSipho Mhlongo.
UMhlongo uthe sephume umkhankaso wokucinga uMax Makhaya la engakhona.
“Ngizwakalisa ukuxolisa okukhulu kumavideo wami ngike ngibone abanye bewasebenzisela ukuthandwa koYouTube. Ngiqaphelile ukuthi izinduna ebezenze isithangami sabezindaba indlela abakukeka beyiyo isinonungozi kakhulu kimi. Ezinkulumweni zezinduna zithi ziyangixwayisa kodwa ziyangifuna, umxwayisa kanjani umuntu uphinde umfune,” kubuza uMakhanya.
Uthi kumangazile ukuzwa ukuthi sekuphunywe inqina uyafunwa.
“Yinto ethusayo kakhulu ukuzwa ukuthi ngiyafunwa. Njengoba ngithatha isinqumo sokuhoxisa wonke amazwi esingike ngawakhuluma ngeSilo noma nje ngesihlalo,” kuqhuba yena.
UMhlongo uveze ukuthi bazoyisebenza le ndaba ngendlela ezogcina ibajabulisa ngoba okwamanaje asibajabulisi neze isenzo saMakhanya.
“Esizweni nasebukhosini bakwaMakhanya sinobudlelwano obuhle noZulu futhi siyabuhlonipha. Kufanele ubukhosi bakwaMakhanya buvele obala ukuthi buyahambisana nalento noma cha. UMax udelela bese ethi uwuMakhanya usuka khona, manje lento izodala ubutha obungenasidingo. Yiyo-ke into ezodala imikhuhlane. Kusukela manje isikhuni sizobuya nomkhwezeli thina asiphoqi muntu ukuthi ahloniphe iNgonyama ngoba ingeyethu singuZulu.